02 | Izindaba
Friday, 12 June 2026
NGUNKK Jacinta Ngobese-Zuma, ongumholi weMarch and March.
UNKK Jecinta Ngobese-Zuma, uthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi imibhikisho nemiqhingqo ehlelwayo, yangomhla
ka 30-June, ayibi nodlame nokuchitheka kwegazi.
UNkk Ngobese-Zuma ubehlangene noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, eMayville, eThekwini kuleli sonto.
Uthe njengabaholi sebeqalile ukuchazela abantu abangaba yingxenye yemibhikisho ngenhloso yawo.
Uthe abantu mabangethuki uma bebona amadoda aKwaZulu, ephethe izagila nemishiza, ngoba azobe ebhikisha, hhayi ukuthi azobe eyolwa.
Uthe bazosebenzisana nezinhlaka zomthetho, ngoba bafuna umyalezo wabo ufinyelele kwiziphathimandla, bese zithatha izinyathelo, zokukhuculula abantu abakuleli zwe ngokungemthetho.
Luyaqala uhlelo lokuthungatha izisebenzi zikahulumeni eziyizipoki
LUQALA ngoMsombuluko uhlelo lokuhlonza izisebenzi zikahulumeni nakomasipala, "eziyizipoki".
Ihhovisi likaMgcinimafa kuZwelonke, likhiphe umyalelo wokuthi kugaselwe kuyona yonke iminyango kahulumeni nakomasipala, kubhekwe ukuthi lezi zisebenzi eziholelwayo, zikhona ngempela yini.
Ihhovisi lithi iningi imali echithwa yiminyango kahulumeni nomasipala, iholela izisebenzi "eziyizipoki", okwenza imali eyabelwe iminyango nomasipala iphele unyaka eyabelwe wona ungakapheli.
UMnu Nkosikhona Duma, okhulumela ihhovisi likaMgcinimafa, waKwaZulu-Natal, uthi uMnyango wezeMfundo esifundazweni, walwenza lolu hlelo lwaba yimpumelelo ngonyaka odlule.
Liphinde laguqa elabasolwa ngokubulala u-AKA
BAZOVELA sebebonke abalisa abasolwa ngokubulala umculi wodumo uKieman "AKA" Forbes (osesithombeni), nomngani wakhe uTebello Motsoane.
Bazovela ngomhla ka-13 August nonyaka. Inkantolo ngoLwesine, ithe ukuqulwa kwecala kuzoba phakathi komhla ka-5 October nomhla ka-8 kuNovember.
U-AKA nomngani wakhe, badutshulwa bukhoma eMorningside, eThekwini, ngomhla ka-10 kuFebruary 2023.
Ababhekene namacala ngoMzwethemba Gwabeni, uLindokuhle Mkhwanazi, uSiyanda Myeza, uLindani Ndimande, uLindokuhle Ndimande, uSiyabonga Ndimande (owalandwa eSwazini), uMalusi Ndimande (owalandwa eSwazini).
Bayisikhombisa sebebonke okwamanje.
Kubanjwe umoya ngeTongaat Hulett
INKANTOLO eNkulu yaseThekwini, ngoLwesithathu izolalela izethulo ngodaba lokuvala inkampani ekhiqiza ushukela, iTongaat Hulett.
Abalimi bakamoba bathi bahlalele ovalweni, njengoba uma ingavalwa le nkampani, ikati lingalala eziko emindenini eminingi, njengoba u-60% wabalimi bakamoba bethengisela le nkampani.
UMnu Higgins Mdluli, weSouth African Canegrowers Association, uthi sebebhalele uMnyango wezoHwebo neziMboni, ne-Industrial Development Corporation (IDC), ukuthi bangenelele ekuhlengeni le nkampani.
Uthe izinkulungwane zezisebenzi zasemapulazini omoba, zingaphelelwa yimisebenzi, kube nomthelela omubi emnothweni, kwande nobugebengu.