02 | Izindaba

Friday, 15 August 2025

 Ezifingqiwe

Image
Isexwayiso ngomthethosivivinywa kagwayi

 
INKAMPANI kagwayi enkulukazi iBritish American Tobacco South Africa (Batsa) inokukhathazeka ngomthethosivivinywa olawula ukudayiswa nokubhenywa kukagwayi ezweni.

Phakathi kokuqukethwe yilo mthethosivivinywa, kuvela ukuvalwa kokudayiswa kukagwayi
kuma-vending machine; wukwethulwa kwamaphakethe kagwayi anemifanekiso exwayisa ngobungozi bukagwayi kuphela, hhayi eminye imibhalo; nokungaqhakambisi (display) ugwayi emashalofini ezitolo.


Le nhlangano iveze ukukhathazeka kwayo ekomidini lezempilo ePhalamende.


UMnu Johnny Moloto oyiHead of Corporate & Regulatory Affairs yeBritish American Tobacco
Sub-Saharan Africa, uthi ngokubona kwabo indlela oyiyo njengamanje lo mthethosivivinywa, ngeke uyifeze inhloso owakhelwe yona yokwehlisa izinga lokubhenywa kukagwayi ezweni.


Wexwayise ngokuthi uma uphasiswa, ungabhebhethekisa inkinga yokwanda kukagwayi ongekho emthethweni.


UMoloto utshele leli komidi ukuthi uma uphasiswa lo mthethosivivinywa uzohlonishwa yingxenye ewu-25% yabasembonini kagwayi ngokusemthethweni, kodwa ingxenye ewu-75% yalabo abasembonini kagwayi ngokungemthetho ngeke bawulandele lo mthetho.

Image
 Selungenelwe nguManamela olwaseDUT

UNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela, uzohlangana nomkhandlu olawula iDurban University of Technology (DUT).

Izinkinga zaseDUT, okubalwa kuzo inkohlakalo okuthiwa idla lubi, nokugwazisa, sekubikwe eMnyangweni weMfundo ePhakeme.

Kunohlelo lokwakha ingqalasizinda namabhilidi,
luka-R400 million, olumisiwe ngoba kusolwa ukuthi lunikwa izinkampani ezingakulungele ukwenza lo msebenzi.

UManamela uthi inkohlakalo evama ukubakhona ezikhungweni zemfundo ephakeme, ayihlangani nokufunda nokufundisa, kodwa kufanele ikhucululwe.

Image
 I-Afri-Forum iphawula ngobudlelwano neMelika

I-AFRIFORUM ithi busazoqhubeka budungeke ubudlelwano beNingizimuu Afrika neMelika ngoba abaholi bakuleli abafuni ukulalela.

Uhulumeni waseMelika usanda kukhipha umbiko othi amalungelo abantu abayidlanzana asanyathelwa  eNingizimu Afrika. Bakhala ngokuthi izimpahla zabantu ziyathathwa, abalimi abamhlophe bayabulawa, kunenkohlakalo ezimbonini ezilawulwa wuhulumeni wakuleli.

UMnu Ernst van Zyl we-AfriForum, uthi uma uMengameli Cyril Ramaphosa engabakhuzi labo abakhuza iziqubulo, bethi, "Bulala iBhunu, bulala umlimi!", iMelika ngeke ibe nobudlelwano obuhle naleli lizwe.

UMnyango wezoBudlelwano bamaZwe noBambiswano, wakuleli, uthi lombiko okhishwe yiMelika, uyihaba futhi uyadukisa.

Image
 UNdunankulu waseKZN uhlole izindlu zezisulu zezikhukhula

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uhlole izindlu ezakhelwe izisulu zezikhukhula zango-2022, eThekwini.

Izisulu zezikhukhula zakhelwe izindlu eCornubia, ngaseMhlanga. Ezinye  ezasuswa eLamonti ngesikhathi kunezikhukhula ekuqaleni kwalo nyaka, zithengelwe ibhilidi eMontclair, kodwa elisalungiswa.
Zizoqala ukuhlala khona ekuqaleni konyaka ozayo.

Izindlu ezakhiwayo ziwu-1 200, kanti kulindeleke ukuba zibe seziphelile ngoDisemba nonyaka.

Image
  ITheku nezinhlelo zokuheha abatshalimali

UMKHANDLU-DOLOBHA weTheku usubeke eceleni imali ewu R30 million, yengqungquthela okuhloswe ngayo ukuheha abatshalimali, ukuthi beze kuleli dolobha.

Ingqungquthela eyaziwa ngeResurgence Conference, bekufanele ibe ngoJulayi kodwa kwasweleka indawo eyayingabanjelwa kuyo. Le ngqungquthela isizoba kusukela ngomhla ka-20 kuya kumhla ka-24 kuSepthemba kulo nyaka.

IKhansela uThembo Ntuli, elisesigungwini esiphezulu somkhandlu, lithi balindele abatshalimali nosomabhizinisi bemikhakha eyahlukene ukuba bethamele le ngqungquthela.

Umnotho weTheku wakhahlanyezwa yizibhelu zangoJulayi ngo-2021, nezikhukhula zango-2022 ezashiya kukhalwa.

0