02 | Izindaba
Friday, 08 August 2025
Ezifingqiwe
UMbalula uthi iMelika mayikhumbule ukuthi iNingizimu Afrika izimele
UNOBHALA-JIKELELE we-African National Congress (ANC), uMnu Fikile Mbalula (osesithombeni), uthi ukukhokhiswa kweNingizimu Afrika yiMelika intela yezohwebo emba eqolo, ngeke kwenze elakuleli liguqule inqubomgomo yalo yezomnotho.
UMengameli waseMelika uMnu Donald Trump, ukuvezile ukuthi akeneme ngezinqubomgomo zezomnotho zeNingizimu Afrika, yingakho enqume ukuba ikhokhiswe intela yezohwebo ewu-30%.
UMbalula uthi nangesikhathi sobandlululo abantu abamnyama besacindezelwe eNingizi-mu Afrika, iMelika yayingelinye lamazwe ayengezwelani nababekhishwa inyumbazana.
Uthi emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC, osanda kuba khona, kuthathwe isinqumo sokuba iMelika ikhunjuzwe ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe elizimele, ingcindezi efakwa yona ngeke izwele.
UNgqonqgoshe wezobuDlelwano baMazwe oMhlaba nokuSebenzisana, uMnu Ronald Lamula, uthi zisazoba khona izingxoxo phakathi kukahulumeni waseNingizimu Afrika neMelika ngenhloso yokuhlenga ubudlelwano.
OWAYENGUMHOLI weDemocratic Alliance (DA), uMnu Tony Leon, uthi ubona uqhekeko kulo hulumeni obuswa ngamaqembu abambisene, eNingizimu Afrika, iGovernment of National Unity (GNU).
Sekuphele unyaka iGNU yasungulwa, kanti uLeon njengosopolitiki osemnkantshubomvu, uphawulile ezinkundleni zakhe zokuxhumana, wathi ulibona limnyama ikusasa leGNU.
Uthi imidonsiswano ekhona, emaqenjini akulo hulumeni, ububha obuhlasele abantu bakuleli, ingqalasizinda ewohlokayo, wubudlelwano obuciki-zelayo beNingizimu Afrika neMelika, kuyakhombisa ukuthi kusekuningi okufanele kulungiswe ezweni.
Usizo ezinganeni zesikhulu esabulawa
INHLANGANO enakekela izingane ezihlukumezekile, iChildline South Africa, ithi izongenelela ukusiza izingane zesikhulu sikaMasipala waKwaDukuza esabulawa ngokudutshulwa ngoNhlangulana (June), kulo nyaka.
UNkz Nokulunga Mashabane watholakala emotweni yakhe eseshonile, enenxeba lokudutshulwa ekhanda, endaweni yaDarnall, KwaDukuza. Kwaboshwa umyeni wakhe, uMnu Thobani Nzama noMnu Sipho Mgwaba ngokubulawa kwakhe, kanti basahamba icala enkantolo.
UNkz Adeshni Naicker, wakwaChildline SA, uthi umndeni kaNkz Mashabane ukhathazekile ngezingane njengoba zisencane, futhi zihlukume-zekile.
Uthi bazolekelela izingane ngosizo lokwelulekwa ngokwengqondo, futhi bazoba nesandla ekukhuleni kwazo.