02 | Izindaba
Friday, 13 February 2026
ABAKWASOUTH African Weather Service, bakhiphe isexwayiso sokuthi kulindeleke izimvula ezinamandla, ezihambisana nokuduma kwezulu, ezingxenyeni ezahlukene KwaZulu-Natal.
Kuxwayiswa abantu ukuthi bangabi wuvanzi ngale mpelasonto, ngoba lizokuna.
Izindawo ezizothinteka eziqaqele izintaba zoKhahlamba, i-Alfred Duma (uMnambithi), yiMooi River, uMsinga, iDanawozi, i-Underberg, iGreater Kokstad, uLundi noMtshezi.
Kukhishwa lesi sexwayiso nje, imbiza izobe izwiwa ngothi esizweni saKwaTembe, eManguzi, eMkhayakude, njengoba ngoMgqibelo kuzobe kunoMkhosi woMthayi oba minyaka yonke
ngenyanga kaFebruary.
INGQALASIZINDA edolobheni iTheku, yonakala kakhulu mhla kuhlasela izikhukhula, enye yangaphinde yabuyela esimweni, okuhlanganisa imigwaqo neyamanzi.
NJENGOBA izwe lisha ngenxa yemibhikisho, kukhalwa ngokushoda kwamanzi, abaholi bashayana ngamakhanda.
UNgqongqoshe wezaManzi kuZwelonke, uNkz Pemmy Majodina, uthi ukuze kulungiswe ingqalasizinda yamanzi komasipala kuzodingeka imali ewu R400 billion.
Izibhelu nemibhisikisho ngokushoda kwamanzi kubonakale eKurhuleni, eJohannesburg, eTshwane, naseStilfontein, eNorth West.
ITheku ngelinye lamadolobha elikhungethwe wukwentuleka kwamanzi ezweni.
Kukhalwa ngengqalasizinda ewohlokile njengembangela yokwentuleka kwamanzi.
UNdunankulu waseGauteng, uMnu Panyaza Lusufi, usexolisile ebantwini besifundazwe sakhe ngenkinga yamanzi.
UNkz Majodina uthi ikhona imali esemigodleni, engasiza ekwethuleni lo mthwalo.
Uthe yena nongqongqoshe waKwaCOGTA, uMnu Velenkosini Hlabisa, babe nesithangami sabezindaba eMidrand, eGoli, ngoLwesine ngodaba lwamanzi.
ISIKHUNGO IDenis Hurley Centre, siwotha ubomvu nge-video esabalele ekhombisa onogada benkampani ezimele, i-Ensure Security, betalabha umuntu olala ezitaladini zeTheku.
UMqondisi walesi sikhungo, uMnu Raymond Perrier, uthi alipheli isonto kungafikanga kubo abantu abahlala ezitaladini zeTheku, benezingozi namanxeba, bekhala ngokuthi bashaywe ngonogada bakwa Ensure, njengoba yiyona nkampani yonogada enikwe umsebenzi wuMasipala weTheku.
UMnu Perrier uthi isikhungo sabo sisazama ukuthola ukuthi lo muntu obonakala eshaywa kanzima, waphelelaphi.
Okhulumela i-Ensure Security, uKyle van Reenen, uthi sebeyibonile i-video, futhi onogada abathintekayo, sebemisiwe emsebenzini ngoba kunophenyo oluqhubekayo ngalesi sigameko.
Uthi bakhona abantu abalala emigwaqweni yeTheku, abagqekeza izimoto, bantshontshe namakhebuli.
AMALUNGU eKomidi lasePhalamende eliphenya ngezinsolo ezenziwa nguJenene uNhlanhla Mkhwanazi, zokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa, lixine kanzima ngemibuzo owayengumqondsi wenkampani yezobuNhloli, uMnu Paul O'Sullivan (osesithombeni esingenhla).
Naye lo mnumzane ubengazibekile phansi, ekhombisa ukungawahloniphi amalungu ekomidi, esho nokuthi amanye kawazi lutho ngomsebenzi wezobunhloli.
Wenqabile ukusho ukuthi unaziphi iziqu zemfundo, wathi lokho kuyimfihlo yakhe. Uthe zingamampunge zonke izinto ezashiwo nguMkhwanazi ngaye, yingakho embopha.
Uthi kodwa kubantu asebenza kahle nabo eseyinhloli kuleli, nguMnu Robert McBride, wabala noJenene Shadrack Sibiya, wathi yize ayengeyena umngani wakhe, kodwa bake bosa naye inyama langalimbe.
Uthe amaqembu iMK Party, yi-EFF ne Action SA, basebenza nabantu abangalungile emaphoyiseni, ababanika imibiko engashayi emhlolweni.