02| Izindaba

Friday, 23 January 2026

Kuzoqiniswa imithetho 'komalume' 
abathutha izingane zesikole

Image

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa, uhlela ukukhipha imiyalelo nemibandela ezoqinisekisa ukuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo, uthola izindlela zokuqinisekisa ukuphepha kwezimoto 'zomalume'.

URamaphosa ubekhuluma ngesikhathi kuqhubeka umhlangano iBasic Education Lekgotla, eBoksburg.

Ubephawula ngemuva kwezingozi ezinyantisa igazi, ezibandakanya abafundi ebezenzeka kuleli, okubalwa kuzo neyenzeke eVanderbijlpark, ngoMsombuluko, edlule nemiphefumulo yabafundi abawu-14.

Uthi kubaphatha kabi ukulahleka kwemiphe-fumulo engenacala ngenxa yokushayela budedengu.

"Ngizoyalela ongqongqoshe, owezemfundo nowezokuthutha ukuba bahlangane, bathole isisombululo esizosindisa impilo yezingane zethu kulesi sihlava sezingozi," esho.


Ulaxaze isicelo sebheyili obeshayela imoto elimaze izingane zesikole

Image

ULAXAZE isicelo sebheyili umshayeli wemoto ethutha izingane zesikole, ebe sengozini edlule nemiphefumulo yabafundi abawu-14, eVanderbijlpark, eGoli, ngoMsombuluko.

U_Ayanda Dludla (22), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark, ngoLwesine, lapho ebhekene khona namacala awu-14, okubulala ngokungenhloso, awu-3 okuzama ukubulala, ukushayela ngezincwadi ezinePDP edlulelwe yisikhathi, ukushayela imoto engenayo ilayisensi, nelokushayela budedengu.

UDludla utshele inkantolo ukuthi uyasilaxaza isicelo sakhe sebheyili, icala laguqela umhla 
ka-5 wenyanga ezayo, ukuze umbuso uqhubeke nophenyo, nommeli wakhe (uDludla) athole ithuba lokuxoxa naye.


Kuzocaca maduze ngokugwetshwa kukaMalema

Image

KUZOCACA namuhla ngoLwesihlanu, eNkantolo yeMantshi yase-East London, ngokugwetshwa komholi we-EFF, uMnu Julius Malema (osesithombeni esingenhla).

UMalema walahlwa yicala lokuphatha nokuqhumisa isibhamu ngokungekho emthethweni ngasekupheleni konyaka owedlule.


Walahlwa yileli cala elenzeka emcimbini we-EFF ngo-2018, lapho abonakala khona eqhumisa isibhamu esidlangaleni. Kulona wayeboshwe nomqaphi wakhe, uMnu Adriaan Snyman, owatholwa engenacala ngonyaka owedlule.

Ngesikhathi kuqala ukulalelwa kwaleli cala, kwavela ukuthi isigwebo angasinikwa, singafinyelela eminyakeni ewu-15.

Ngemuva kokulahlwa yicala, uMalema wadedelwa ngebheyili, wathi uzoqinisa ithimba labameli bakhe ngogalagala lommeli, u-Adv Tembeka Ngcukaitobi, bese ephonsela isigwebo nesinqumo inselelo enkantolo enkulu.

Wasola imantshi ngokusebenzisana nabambophela amanqina enyathi, abafuna 'ukumqumba phansi'.


Zisazothwala kanzima izakhamizi kwenyuswa ugesi ngo-April

Image

ZIZOKWAZI ekuqaleni kuka-April izikhamizi zakuleli ezisebenzisa ugesi wakwa-Eskom, ngesinqumo sokunyuswa kukagesi.

Lokhu kuvezwe yinhlangano eyengamele ukuphehlwa kukagesi, iNersa, kulandela ukuba ivale ukufakwa kwemibono yomphakathi esiphakamisweni sangonyaka owedlule, sokwenyusa ugesi ngo-6%.

Okhulumela iNersa, uMnu Charles Nhlebela, uthe iNersa izokwenza ucwaningo, iphinde ihlanganise nemibono yomphakathi, bese yazisa izakhamizi zakuleli ngesinqumo sokuthi ugesi uzonyuka kangakanani.

I-Eskom yayithe ihlela ukunyusa ugesi ngo-36%, kodwa iNersa yakuchitha lokhu. Yaphakamisa u-12,7%.

Izakhamizi zakuleli zakhombisa ukungenami, zikhala ngesimo sempilo esibizayo, ikakhulukazi ugesi nokudla.

0