02 | Izindaba
Friday, 05 December 2025
01
UMKHULUMELI weHhovisi likaMengameli uCyril Ramaphosa (osesithombeni esingenhla), uMnu Vincent Magwenya, uthi akubakhathazi okushiwo yizwe laseMelika, ngeNingizimu Afrika.
UNgqongqoshe wezindaba zangaphandle eMelika, uMnu Marco Rubio, ukhiphe isitatimende, ethi iNingizimu Afrika, ngeke imenywe ukuba yingxenye yombuthano we-G20, ozoba seMelika ngonyaka ozayo (2026).
IMelika kayibanga khona embuthanweni wabaholi bamazwe angaphansi kweG20, obuseGoli, ngenyanga kaLwezi (November).
UMagwenya uthi iNingizimu Afrika, izolinda kuze kube nombuthano weG20, e-United Kingdom ngo-2027, wathi okushiwo yiMelika akubakhathazi.
02
IPHINI likaMengameli, we-African National Congress (ANC), uMnu Paul Mashatile (osesithombeni esingenhla), uthi phansi amaphaphu, akekho umuntu ozokhipha uMnu Cyril Ramaphosa esikhundleni sokuhola uKhongolose lingakapheli ihlandla lakhe.
Lokhu kulandela izinkulumo ezithi kukhona amanye amalungu esigungu esiphezulu se-ANC, afuna uRamaphosa akhishwe esikhundleni ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
Kuthiwa la malungu eNational Executive Committee (NEC), afuna kube nohlaka lwesikhashana, oluzoho-lwa nguMnu Thabo Mbeki noMnu Kgalema Motlanthe, elizobuyisela uKhongolose esimeni esihle.
03
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni esingenhla), uthi abantu njengoba sebeqala ukuvakasha ngamaholide kaKhisimusi, abangabashiyi abantu abaphila nokukhubazeka, benganakiwe.
UMphemba ubekhuluma ngesikhathi kugujwa usuku lwabantu abaphila nokukhubazeka, eMandeni, ogwini olusenyakatho, ngoLwesithathu.
Uthi abantu abaphila nokukhubazeka, bangabantu nabo, futhi bayadinga ukunakekelwa nangalesi sikhathi sonyaka.
04
UMchunu uthi walandela yonke
imigudu, ehlakaza iPKTT
UNGQONQGOSHE wamaPhoyisa osanikwe ikhefu eliyipesheli, uMnu Senzo Mchunu (osesithombeni esingenhla), uthi akenzanga okungafanele, ebhala incwadi yokuhlakaza iPolitcal Killings Task Team (PKTT).
Ubeqhubeka nokwethula ubufakazi kwiKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga, ePretoria, ngoLwesine.
Uthi phakathi kwabantu abathinta ngokubhidliza iPKTT, nguMengameli uCyril Ramaphosa, no-Advocate Vusi Pikoli, abangabanga nankinga ngalokho.
Uthe umthetho uyamgunyaza ukuthi akwenze lokhu, noma engaxhumananga noMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke, uJenene Fannie Masemola.