Izindaba | 02

Friday, 18 April 2025

Ezifingqiwe


01


UGodongwana "uvimba" abaphikisa ukwenyuswa kweVAT ngenkantolo

Image

Intatheli yeLANGA

UNGQONGQOSHE wezeMali, uMnu Enoch Godongwana (osesithombeni), uthi bathela amanzi emhlane wedada labo abaphonsela inselelo ukwenyuswa kwentela yokuthenga, iVAT ngo-0.5% iminyaka emibili.

Uthi isinqumo sokwenyusa iVAT sathathwa ngesikhathi siphasiswa ngevoti ePhalamende emasontweni edlule.

Usefake amaphepha enkantolo ukuphikisana nabaphonsela inselelo isabelomali sakhe, lapho echitha khona ukuthi kasikho emthethweni.

Ufaka la maphepha nje, iDA ne-EFF befake awabo enkantolo, befuna kuthiwe kakuhambisananga nomthetho ukwenyuswa kweVAT.

UGodongwana uthi njengoba imigomo yokusebenza kwemali (fiscal framework) iphasiswe yiPhalamende, yilo kuphela elingashintsha okuqukethwe kuyona, okubalwa nakho okwenyuswa kweVAT.


02


IHhovisi likaMengameli kalikholwa wukuthi uTrump unamagqubu

Image

KWESOBUNXELE nguMnu Mcebisi Jonas, kanti kwesokudla nguMnu Donald Trump.

IHHOVISI likaMengameli lithi kalikholwa wukuthi uMengameli waseMelika, uMnu Donald Trump ungumuntu onamagqubu, ngakho-ke kaliboni ukuthi angabambela uMnu Mcebisi Jonas amagqubu ngenkulumo ayenza ngo-2020.

UJonas usanda kuqokwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuba yisithunywa (envoy) seNingizimu Afrika eMelika.


03


Umndeni ukholwa wukuthi iNkosi Luthuli yabulawa

Image

UMZUKULU weNkosi u-Albert Luthuli (ekwesokudla), uMnu Mthunzi Luthuli (okwesobunxele), uthi ukholwa wukuthi uyisemkhulu -  owaba ngumengameli we-ANC kusukela ngo-1952 kuya ku-1967 - wabulawa, akubanga yingozi njengoba kwaveza uhulumeni wobandlululo.

Uveze lokhu ngoLwesine ngesikhathi ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, lapho kuqhubeka khona uphenyo ngokushona kukayisemkhulu.


04


Izinsongo kubaholi  bamabandla ngePhasika

Image

Phumlani Gama

ISONGA ngokubathathela izinyathelo zomthetho abefundisi abazotholakala benza okuphambene nokulunga ezindaweni abakhonzela kuzona iKhomishini yezamaSiko, ezeNkolo neziLimi, eholwa nguNkk Thokozile Mkhwanazi-Xaluva (osesithombeni).

Le khomishini ithi ngeke izibekezelele izenzo zabefundisi abenza izinto ezingahambisani nendlela yokuphila kwabantu.

Ikhuthaza nabazalwane ukuba babike ngezigameko ababona ukuthi ziphambene nenqubo-mgomo yokukhonza.

Ithi ezinye zezinto ezenzeka emasontweni kazihambisani nemithetho elawula ezempilo nezenhlalakahle yomphakathi.

ISAZISO: Ngenxa yeholide lama-Easter, iphephandaba ILANGA, ngeke lishicilelwe ngoMsombuluko, mhla ka 21 ku-April, kodwa lizotholakala ngakusasa, ngoLwesibili.

UMHLELI

0