02 | Izindaba
Friday, 30 October 2026
Amaphoyisa anikezwe izimoto ezintsha ukulwa nobugebengu
UKUQINISA impi elwa nobugebengu, njengoba sekusondele amaholide kaKhisimuzi, amaphoyisa (iSouth African Police Service), anikezwe izimoto ezintsha ceke, eziwu 1,087.
Lezi zimoto zethulwe nguMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke, uJenene Fannie Masemola, eBenoni, ngoLwesine.
Zizokwedluliselwa eziteshini zamaphoyisa, eziwu-140, ezinezibalo eziphezulu zobugebengu ezweni.
NGUMENGAMELI uMnu Cyril Ramaphosa ekweminye yemikhankaso eThekwini.
URamaphosa uthi emkhankasweni wabo, ubonile ukuthi iningi lisakholelwa kwi-ANC
UMENGAMELI we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa, uthi imiphumela yabaqagula ukhetho (polls), ebeka uMkhonto Wesizwe Party njengeqembu elizonqoba ukhetho eThekwini, kayimethusi nakancane.
Uthi le miphumela iyimiqagulo nje, kayinabo ubuqiniso. Uthi ngesikhathi engena umuzi nomuzi eThekwini, ukuqaphelile ukuthi abantu basakholelwa kwi-ANC, okwenza angangabazi ukuthi bazokwenza kahle okhethweni.
Kuzokwelulwa izikhathi zokusebenza eMnyangweni wezaseKhaya ukulungiselela ukhetho
UMNYANGO wezaseKhaya uthi amahhovisi awo ayovula kuze kube wu-9 ebusuku ngosuku lokhetho, ukulekelela izakhamizi zakuleli eziyobe zidinga amaphepha athile ukuze zivote.
Lokhu kuvele ngesikhathi lo mnyango umemezela uguquko lwesikhashana ezikhathini zawo zokusebenza.
Uthi kusuka ngomhla ka-2 kuNovemba, amahhovisi azovulwa ngo-8 ekuseni kuya ku-6 ntambama.
NGUJENENE uNhlanhla Mkhwanazi.
Kuzocacisa iPhalamende ngokuphakanyiswa kukaMkhwanazi kwesamaHawks
KUZOCACISA iPhalamende ngesiphakami-so seBamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Firoz Cachalia, sokuqoka uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, njengenhloko yophiko lwe-Directorate for Priority Crime Investigation, eyaziwa ngelama-Hawks.
Lokhu kuvele izolo ngoLwesine, lapho ihhovisi likaCachalia liveze ukuthi uCachalia uphakamise igama likaMkhwanazi ekuvalweni kwesikhala senhloko yama-Hawks, esavuleka ngesikhathi kuphela ithemu yalowo obeyinhloko yawo, uJenene Godfrey Lebeya, ngonyaka owedlule.
Uthi lokhu usekudlulisele kwikhabhinethi okuyiyona ezofaka isigxivizo sokugcina.