Izindaba | 09
Friday, 09 May 2025
Mthobisi Sithole
UPHAKATHI kwezifunda ezimbili uqhudemani-kiniki wamagoso kwiNgoma kaZwelonke.
Lokhu kuzokwenzeka mhla ka-21 kuNhlangulana (June) ePeople's Park, eMoses Mabhida, eThekwini.
UMgqugquzeli weNgoma kaZwelonke, uMnu Xolani Mcineka, uthi iqhude liphakathi kweZululand neKing Cetshwayo, uLundi neNkandla. Uthi izinsizwa ezidabuka kulezi zindawo zifuna ukukhiphana inkani ngoshameni.
Utshele leli phephandaba ukuthi okuhle ngeNgoma kaZwelonke wukuthi asikho isiteki esibekiwe ngamajaji, kodwa izinsizwa yizona ezibonayo igoso eligobe uphondo ngoshameni.
"Ubuhle beNgoma kaZwelonke buzobonakala ngokuncintisana kwezifunda. Abantu baseKing Cetshwayo bazobe beseka iNkandla, kanti iZululand yonke izobe ihambisana noLundi. Kuzogqama-ke ukuthi phakathi kweNkandla noLundi ishaywa kuphi ingoma," kusho uMcineka.
KwiNgoma kaZwelonke kungenwa mahhala enkundleni yemidlalo, kuzodayisa amathikithi ezicukuthwane kuphela.
Nanka amaqembu azobe edlana imilala
kwiNgoma kaZwelonke
Kubalwa kuwona Ezikateh, Impiyasencome, Uvanzi, Ezikascethe, Ingobamkhosi, Inyokiphinda, Ushikishi, uMgijimi, Amalanda, ikusasa Elihle, Uphaphasi, Ubumbano LwaseMpangeni, Phakama Mbokodo, Inkonjane Emnyama, Abafana Bembalenhle, Abafana benhlangwini, Amahlathi, Ingavuza, Umsuluzi, Isixaxa Sabathembu, Amagugu Ezwe, Ezikamafika, Ingoma yakaShange, 4X4, Ezikahlehlile, Ezikagugasthebe.
Ezikaphushemlenzeni, Iziqandi Ematsheni, Amahhehhe, Hlophekhulu, uNtabankulu, Umhlabuhlangene, Amancokosbali, Isikhala, i-South Afrika, Izimbunguli, Uthulwane, Amadlelandawonye, Amaqophamlando, uDindi Omkhulu, uBhekimbazo, Ezikaphumendlini, Amashinga kaShameni, Ofeleba, Izintombi Zojikelele, Izintombi Zamansiyane.
Ezikadokotela, Amageja, Amatshe Ehlathi, Izethekeli, Abafana Bakwaziphethe, Amawele, Ubuhle Bengoma, Amavulandlela, Ezikasagqoza, Ezikagovozile, Isangena, Ezikamthakashana, Oqhawekazi, Ocuphasi, Omelizwe, Amajuba Enhlanhla, Ezasemdletsheni, Indlamvini, Ezikasiyeza, Ezikasuthasaka, Izihogo Zelanga, Izigi Zezulu, uMshoshaphansi noBholwane.
Lo mcimbi wesekwe wuMasipala weTheku, ILANGA noHulumeni waKwaZulu-Natal.
mthobisis@ilanganews.co.za