Izindaba | 02
Friday, 09 May 2025
UBONGE izakhamizi zaKwaZulu-Natal, ezibonakala zikuthakasela ukusebenza kwamaphoyisa akulesi sifundazwe, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni), onguMkhuzi wamaPhoyisa kulesi sifundazwe.
UMkhwanazi ubekhuluma esigcawini nabezindaba, lapho ebezocacisa khona ngesimo sokusebenza kwamaphoyisa esifundazweni.
Uthi lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi amaphoyisa akulesi sifundazwe ayawenza umsebenzi wawo.
Uthi amalungu omphakathi mawaqhubeke ahambele imihlangano abayibizayo ukuze izikhalo zawo zizwakale.
"Lokhu okwenziwa ngamalungu omphakathi ezinkundleni zokuxhumana nangezincwadi nama-email esikutholayo, encoma umsebenzi wethu, kuyasikhuthaza ukuthi siqhubekele phambili nokuqinisekisa ukuphepha kwesifundazwe," esho.
UMbalula uncoma ubuholi beqembu lakhe KwaZulu-Natal
UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula (osesithombeni), uthi ubuholi obubekiwe njengamanje KwaZulu-Natal, obunikwe umsebenzi wokuguqula isimo esingesihle se-ANC, esenze yalahlekelwa ngamavoti okhethweni olwedlule, sebenze umsebenzi omningi esikhathini esincane bubekiwe.
Uthi imiphumela yomsebenzi walobu buholi obuholwa nguMnu Jeff Radebe, izobonakala ngokuhamba kwesikhathi.
UMbalula uthi ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngonyaka ozayo, luzoba yindlela ebalulekile yokuhlola ukuthi izokwenza (perform) kanjani i-ANC ukuya phambili.
Ubekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu, eThekwini, lapho ebehlangene khona nalobu buholi ukuzohlola nokuqinisa umsebenzi oqhubekayo.
NGUNKK Khusela Diko onguSihlalo wekomidi lePhalamende.
USIHLALO wekomidi lasePhalamende eliqondene nezokuxhumana kanye nobuchwepheshe bedijithali, uNkk Khusela Diko, usishayela ihlombe isinqumo sokuxhaswa kwePost Office ukuze ikwazi ukukho-khela izisebenzi amaholo izinyanga eziwu-6.
UNkk Diko uchaze ukuphasiswa kwalolu xhaso njengento ebidingeka kakhulu. Lolu xhaso lwesamba esilinganiselwa cishe ku-R400 million, luthathwe esikhwameni iTemporary Employer/Employee Relief Scheme (TERS), esenganyelwe wuMnyango wezeziSebenzi, ukuze kukhokhelwe izisebenzi zasePosini ezibalelwa cishe ku-6 000, isikhathi esiyizinyanga eziwu-6.
Kuyaziwa ukuthi iposi liyawa kanti kunenqwaba esidiliziwe.
I-EFF ifuna kuqedwe ukukalelwa isikhathi sokusetshenziswa kwama-airtime ne-data
IYAWUQINISA umkhankaso wayo i-EFF wokuba kuqedwe umkhuba wezinkampani zama-network, wokuthi i-data ne-airtime ikalelwe isikhathi okumele isetshenziswe ngaso, okuthi uma kushaya leso sikhathi esikaliwe, ingqwambe uma ingasetshenzi-swanga yaphela.
I-EFF ihlose ukuwethula ezithebeni zePhalamende lolu daba, ukuze ludingidwe, bese kuthathwa izinyathelo.
Sekunesikhashana i-EFF ikhononda ngalezi zinkampani zama-network, esingabala kuzona iVodacom, iMTN, iCell C neTelkom.
Ilwela ukuba lo mkhuba uqedwe ngokushesha.