Izindaba | 15
Friday, 06 June 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
UWelile uthi waquleka kubhuntsha umshado
Mlungisi Khoza:
Kusho ukuthi kwakunzima🤣🤣
Ncami Mthembu Biyela:
SICELA usixoxele nge-VN Mawelewele 😅😅
Nonhlanhla Ndlovu:
WAWUNGEKE ungabhuntshi bakithi🤣🤣🤣🤣
Xolani Mxoh Nkabanhle ZN:
KUSHO ukuthi elikaWelile noJobe leli phephandaba.
Mnesh Khumalo:
WAGANGA uMsimanga okhontrolwa umawakhe, esemzalise 3 wezingane. Yingakho wavele wahlanya lomama ngemuva kwesigameko.
Themba Themba:
WABHUNTSHISWA yiwo umlomo wakhe ongavaleki.
Jeza SA:
KUYABONAKALA ukuthi uphuma khona emshadweni, futhi ngeke asawuthola.
Siyabonga Siyaah Msomi:
INDODA yabuyelwa yingqondo, ngabe iyahlambalazeka kumanje, ngabe kubukiswa ngayo.
Maria Zandile Madonsela:
UMTHETHO wakho kawufuni ukubona usisi wethu ejabule🤣🤣🤣
Zakhele Mzilankatha:
KWAKUNGOKABANI lowo mshado?