Ezemidlalo | 17
Friday, 06 June 2025
Mfanafuthi Ndlovu
UVUMA iphutha abalenzile umqeqeshi weBafana Bafana eyivule kabi imidlalo yeCosafa Cup iguqiswa yiMozambique ngo-1-0 kokaGroup A ngoLwesithathu eToyota Stadium, eFree State.
Igoli leMozambique lishaywe ngu-Antonio Sumbane.
IBafana izobhekana neZimbabwe emdlalweni olandelayo ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 enkundleni efanayo.
NGU-ANTONIO Sumbane weMozambique oshaye igoli bedla iBafana Bafana ngo-1-0 koweCosafa Cup. Lapha ubanga ibhola noGape Moralo.
UVeli Khumalo, opheka lesi sikwati, uthi benze iphutha ngokuthi baveze ukuthi u-Aden McCarthy (21) nguyena ongukaputeni, ekubeni ukaputeni kunguVictor Letsoalo.
"Yiqiniso senze iphutha okungamele liphinde lenzeke ngelinye ilanga. Ngiyaxolisa kakhulu emphakathini ngalo,'' kusho uKhumalo.
Ephawula ngomdlalo weZimbabwe uthe:
"Kasidlalanga kahle emdlalweni weMozambique, kufanele silungise kwazise kakuyona indlela enhle yokuqala umqhudelwano. Kufanele silwe ejimini ukubuyisa ukuzethemba kubadlali. Kuzofanele sikulwele ukunqoba umdlalo olandelayo."
NGU-VICTOR Letsoalo ongukaputeni wesikwati seBafana Bafana esigijima imidlalo yeCosafa Cup eqhubekayo eFree State.
* Imiphumela yokuqala kweCosafa Cup ihambe kanje:- Bafana Bafana 0, Mozambique 1; Mauritius 0, Zimbabwe 0.
* Selulonke uhlu lwemidlalo yeCosafa Cup ngoMgqibelo lumi kanje:-
EToyota Stadium: Mozambique vs Mauritius 12h00, South Africa vs Zimbabwe 15h00.