Ezemidlalo | 18
Friday, 06 June 2025
EzikaBroos zizongcweka neTanzania neMozambique
NGU-DEANO van Rooyen odlala kwesobunxele emuva kwi-Orlando Pirates.
Senzo Sokhela
UFUNA ukulibamba ngazo zombili ithuba uma elinikwa umdlali we-Orlando Pirates oqokelwe kwiBafana Bafana.
IBafana izobhekana neTanzania ngoLwesihlanu
ngo-19h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UDeano Van Rooyen odlala emuva kwiPirates uthi ufuna ukulibamba ngezandla zombili ithuba uma elinikwa ngumqeqeshi uHugo Broos.
Kuzokhumbuleka ukuthi uBroos uthe lo mdlalo uhlose ngawo ukuhlonza abadlali abakulungele ukuya kwi-Afcon.
"Ngizizwa ngithobekile njengoba nginikwe ithuba lokuba yingxenye yalesi sikwati. Ngikuqonda kahle ukuthi le midlalo ngeyokuzibonakalisa kumqeqeshi, ngiyathembisa ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni. Ngifuna ukuzifaka eqenjini likaBroos ukuya phambili,'' kusho uVan Rooyen.
Omunye umdlalo olandelayo weBafana Bafana wesihle izowugijima neMozambique ngoLwesibili ngo-19h30 khona ePolokwane.