Izindaba | 08
Friday, 06 June 2025
Ezinye izingane zichazwa wukuthi inuka kamnandi i-vape
Thandi Zondi
UKUBHEMA kudala bekuyinto oyenza ucashile, futhi ungafuni abantu abadala bakubone, kodwa muva nje, sekuyimfashini kwabanye. Abanye bakuthatha njengendlela yokutshengisa izinga lempilo osukulona.
Kusukela ekubhemeni i-hubbly ejwayele ukubonakala kwabathanda imicimbi yentokozo, manje sekuyi-vaping esematheni ngisho nasezinganeni zesikole. Nokho-ke, bambalwa abaziyo ukuthi ukusebenzisa i-vape, kuyingozi engakanani.
ILANGA Lempelasonto lixoxe nabantu abasha abehlukene, asebegxile kulolu hlobo lukagwayi, ukuthola kabanzi ukuthi yini ebakhanga kulona. Babeke kanje: "I-vape abayexwayi abantu, inuka kamnandi uma uyibhema eduze kwabo.
"Ugwayi unuka kabi ezintweni osuke uzigqokile nasemlonyeni nakubantu abaseduze nawe, abanye ubadalela izinkinga eziningi. Ine-nicotine kuphela, kanti ugwayi une-nicotine ne-tobacco namanye amakhemikhali," basho kanje.
UDkt Thabani Dlamini uchaza ngobungozi balolu hlobo lokubhema, uthi luwumkhuba ongemuhle futhi oyingozi
"Kukhona imiphumela eyenzeka manje, kube khona evela ngokuhamba kwesikhathi noma emuva kweminyaka.
"Eyenzeka manje kubalwa kuyo ukuphathwa yikhanda, ukuqaleka, uzizwa sengathi ungaphalaza nokuhluleka ukulalelisisa ngokucophelela kothisha bakho (lack of concentration) esikoleni.
Bese le evela ngokuhamba kweminyaka miningi kakhulu," esho.
"Kodwa-ke sizobheka emaphashini, ungaba nomdlavuza wephaphu, ube nenkinga yokuphefumula, kube nzima ukuthi amasosha omzimba asemaphashini akwazi ukulwa namagciwane.
"Kunanemiphumela engemihle kwinhliziyo, i-nicotine yenza inhliziyo ishaye kakhulu, ube nenkinga yomfutho wegazi ophezulu (BP), amathuba okuthi ube nesifo senhliziyo ayenyuka," kuqhuba uDkt Dlamini.
Abazali mabaxwayise izingane ngobungozi be-vape
"Le nto idinga ukuthi sisebenzisane nomphakathi; abazali nezingane. Kithina njengezisebenzi zezempilo, kudingeka ukuba sifundise umphakathi, siye nasezikoleni siqwashise ngobungozi
be-vaping.
"Abazali kumele bafundise izingane ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa nokubalwa kuzona i-vaping.
"Izingane uma seziqalile, kumele kube kuzona ukuthi ziyafuna yini ukuyeka, sisebenzisane nama-social worker nabazali, zithole uxhaso nokucathuliswa ukuba ziyeke lezi zikhuthazi.
"Ngakho-ke kudingeka ukubambisana ukuze kusizakale izingane ezisebenzisa i-vaping," kuphetha uDkt Dlamini.
Muva nje iProtect Our Next, yenze ucwaningo oluhlanganisa izingane zesikole eziwu-25 000 ezikoleni eziwu-52 eNingizimu Afrika, yathola ukuthi kubafundi abawu-6, oyedwa kubona uya-vaper.
Lolu cwaningo luthi okubi kakhulu ngalolu hlobo lokubhema wukuthi lutholakala kalula, futhi luyiheha kalula intsha ngama-flavour ehlukene, anuka kamnandi nemibala ekhangayo.
Iningi lababhemayo lifunda u-matric, libhema ngaphambi kokuya esikoleni, emathoyilethi, ngezikhathi zama-lunch noma sekuphume isikole, okuyinto ecacisa ngokusobala ukuthi iningi selingenwe yi-vaping.
Abanye baluthwa ngama-flavour alo gwayi, abanye wukuthatheka nxa bebona abanye bebhema, kanti kwabanye sekunzima ukuyeka.