Izindaba| 06

Friday, 06 June 2025

Image

KUQHUME amashampeni ubuholi bujabulela ukugujwa kokubuya kowoGu Jazz Festival.

Umkhandlu uzibekele inzuzo
ka-R50 million ngokubuya koweJazz

Lucky Cain

UZIMISELE ukuhlomula ngenzuzo ka-R50 million, umkhandlu Ugu ngokubuya komcimbi we-jazz owaziwa ngokuthi, Ugu Jazz Festival, kodwa kawucacisi ukuthi uzofaka malini ukuqinisekisa ukuthi uyafinyelela kule nzuzo.

Lokhu kuvezwe nguMnu Owen Mazibuko oyimenenja yalo mkhandlu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni idili elibizwa nge-Off Ramp, elizokwenzeka ngoJune nonyaka, oluzobe lunemici-mbi eyahlukene nemidlalo okubalwa noGu Jazz Festival.

Lo mcimbi wethulwe ngokusemthethweni eMushroom Lounge, eMhlanga ngoLwesithathu, lapho bekukhona izikhulu zalo masipala, okubalwa iMeya yawo uMnu Skhumbuzo Mqadi neMeya yaseRay Nkonyeni, uNkk Zodwa Mzindle, nabanye.

Ngesikhathi ekhuluma kulo mcimbi uMazibuko, uthe kuyabathokozisa ukubuya kwalo mcimbi woGu njengoba uke wanyamalala ngenxa yezingqinamba zokushoda kwamanzi ezike zahlasela indawo yasoGwini lwesifundazwe.

Image

NGUMNU Owen Mazibuko noMnu Sikhumbuzo Mqadi ngesikhathi kwethulwa
ngokusemthethweni umcimbi eMushroom Lounge, eMhlanga, ngoLwesithathu.

Uthe nakuba bengakabi sesimeni esikahle ngokugcwele ngokwezemali, kodwa sebeyakwazi ukubhekana nezingqinamba zamanzi, futhi kabasenayo inkinga ababenayo phambilini.

Uthe ngenxa yokubona ukusimama kwabo kule nkinga, babone kungcono ukuthi bawubuyise lo mcimbi ngenhloso yokufukula ezokuvakasha oGwini.


Uthe indawo yasoGwini iyaziwa ngokuheha izivakashi, ikakhulukazi ngesikhathi sikaJune, ngakho ukubuyisa lo mcimbi, kuzoba nomthelela omuhle emnothweni. Uchaze amabhishi asogwini njengalawo asezingeni lomhlaba, nokwenza izivakashi zikuthokozele ukuza ngakhona.

UMnu Siya Msomi wenkampani ejutshwe ukuhlela lo mcimbi iCool Sound, uthe kuyamthokozisa ukuphinde athole ithuba lokuhlela lo mcimbi, njengoba eke wawuhlela phambilini.

Uthe kulo nyaka bazobe bewethula ngokusemthe-thweni kubantu ukubuya kwawo, ngakho ngeke ube sezingeni lawo elejwayelekile.

"Kulo nyaka sizoba nabo abaculi abazonandisa, kodwa ngeke kube yi-festival, njengoba sihlela ukuwenza kusukela ngonyaka ozayo.

"Uzofana nesidlo sakusihlwa esizobe sinabaculi nje, okuzoba wumcimbi ozothatha noma amahora amathathu. Kusukela ngonyaka ozayo, sizobe sesenza into yamehlo, njengoba sizobe sesinesikhathi esanele sokuqhamuka nomqondo omusha esifisa umcimbi uqhubeke ngawo ukuya phambili," esho.

Lo mcimbi uzokwandulelwa yimicimbi eyahlukene, efana nowokudoba, owezemidlalo iMayors Sport Tournament, ukuqwala izintaba nokuzivocavoca nowendumiso, ozohlanganisa abefundisi nabaculi bowokholo.

Uthe iphupho labo wukwenza inyanga uJune kube ngeyasoGwini ngenxa yoxhaxha lwemicimbi abazoyihlela kule ndawo, njengoba bezobambisana nabo bonke omasipala abangaphansi koGu.