20 | Ezemidlalo
Friday, 31 October 2025
NGUMLUNGISI Ngubane.
Mfanafuthi Ndlovu
INGASE igudluze umqeqeshi iGomora United egijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC) njengoba ibhinjelwa yizinto selokhu kuqale isizini ka-2025/26.
Le kilabhu eholwa nguJoe Seanego - yenyukele kwiMFC inqoba imidlalo yokuhlunga maqede, yaqasha uJohnny Ferreira ukuba ngumqeqeshi.
Nokho ilahla amaphuzu sengathi iyabukisa. IGomora inomdlalo onzima neCasric Stars weMFC ngeSonto ngo-15h30 eTUT Stadium.
Umthombo weLANGA Lempelasonto uthi uma yehluliwe iGomora kulo mdlalo, izinyawo zizogcwala udaka kuFerreira. Kuthiwa izikhulu zicuthe ngoMlungisi "Professor" Ngubane ukuthatha izintambo.
Kuthiwa zichazwa ngamagalelo akhe akudala okuhlenga amakilabhu ayesuke esebheke ehlathini.
"Yiqiniso ukuthi kungase kungene uNgubane kwiGomora njengoba idonsa ngodizili selokhu kuqale isizini.
"Okuningi kuzocaca kahle ngemuva komdlalo neCasric ngoba vele le kilabhu izoza KwaZulu-Natal ukuzobhekana neMilford FC, okuwumdlalo okungase kuhlale kuwona uNgubane ebhentshini," kusho umthombo.
NGU-ANDRIES Ulderink.
* ICape Town City ithathe u-Andries Ulderink waseNetherlands njengemqondisi kanobhutshuzwayo kule kilabhu eqale ngebatha kwiMFC njengoba izinto seziqala ukuhlangana.
Lo mqeqeshi wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu.
ICity yadliwa yizembe ilolongwa nguyena. Le kilabhu inomdlalo omqoka neBaroka FC weMFC ngeSonto ngo-15h30 eGlobal Village Stadium.
Imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGOMGQIBELO
EDobsonville: Leicesterford FC vs Milford FC 15h30.
EMxolisi Dicky: Upington City vs Highbury FC 15h30.
EThohoyandou: Venda FC vs University of Pretoria 15h30.
EHarry Gwala: Midlands Wanderers vs Kruger United 15h30.
NGESONTO
EGlobal: Baroka FC vs Cape Town City 15h30.
E-TUT: Gomora United vs Casric Stars 15h30.
ENorth West University: Lerumo Lions vs Hungry Lions 15h30.
KaNyamazane: The Bees vs Black Leopards 15h30.