19 | Ezemidlalo

Friday, 31 October 2025

Isengcupheni yokuphunyukwa yisicoco iChiefs


Izodlala inyanga yonke kwiDDC umqeqeshi wayo eseQatar kwiFifa U/17 World Cup

Image

NGABADLALI beChiefs Reserves bejabulela igoli likaShaun Els alishaye bebambana neSekhukhune Reserves kuba ngu-1-1 mhla aka-12 ku-October.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

ISENGCUPHENI yokuphunyukwa yisicoco esijulukele iminyaka uma ingashintshi ukwenza iKaizer Chiefs Reserves ezobhekana neDurban City Reserves koweDStv Diski Challenge (DDC) ngoMgqibelo ngo-10h00 eChatsworth Stadium, eThekwini.

IChiefs - okuyiyona evikela lesi sicoco - iya kulo mdlalo nje, idonsa kanzima njengoba ilahla amaphuzu emidlalweni okusuke kulindelwe ukuba iyinqobe.

Ngeledlule iphinde yaphoxa ibambana ngo-1-1 neMagesi Reserves ePolokwane.

Ukungaqali kahle kweChiefs sekuyenze yalala endaweni ka-9 kwi-log, ngamaphuzu awu-10 emidlalweni ewu-8. Ziholwa yiMamelodi Sundowns Reserves - enesipiliyoni sokunqoba lesi sicoco - eqhwakele ngamaphuzu awu-19 emidlalweni ewu-8.

Okushayisa ngovalo kakhulu ngesicoco seligi ukuthi singase siyiphunyuke iChiefs, yingoba izodlala cishe inyanga yonke umqeqeshi wayo uVela Khumalo engekho.


UKhumalo uhamba neqembu lesizwe lika-U/17 laseNingizimu Afrika, elibizwa ngamaJimbos, eliyodlala emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa ka-U/17 ozoqala ngoMsombuluko, usongwe ngomhla ka-27 kuNovember eQatar.

Image

NGU-DILLON Sheppard obambe esigqikini sokulolonga kwiChiefs Reserves.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, uthi umsebenzi uzoqhubeka ngokwejwayelekile yize uKhumalo ezobe engekho.

"UDillon Sheppard osebenza noKhumalo uzoqhubeka nomsebenzi njengenjwayelo. Uma kukhona ongekho kubona, omunye uqhubeka nomsebenzi.

"Inhloso yethu wukuthi sisivikele lesi sicoco. Sinethemba lokuthi izinto zisazojika. Kayikho nencane inkinga, uSheppard uzoyibamba kuze kube uKhumalo uyabuya," esho.

Isiyonke imidlalo yeDDC engempelasonto iqhathwe kanjena:-
NGOMGQIBELO
ESolomon Mahlangu Stadium: TS Galaxy Reserves vs Sekhukhune United Reserves 10h00.
EDr Molemela Stadium: Marumo Gallants Reserves vs Stellenbosch FC Reserves 10h00.
ETuks Stadium: Mamelodi Sundowns Reserves vs Orlando Pirates Reserves 10h00.
E-UJ Soweto Campus: Siwelele Reserves vs Golden Arrows Reserves 10h00.
EChatsworth Stadium: Durban City Reserves vs Kaizer Chiefs Reserves 10h00.
NGESONTO
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City Reserves vs Richards Bay Reserves 10h00.
EBuffalo City Stadium: Chippa United Reserves vs AmaZulu Reserves 10h00.
EDobsonville Stadium: Orbit College Reserves vs Magesi Reserves 12h00.