18 | Ezemidlalo

Friday, 31 October 2025

Ukufanisa nesibusiso ukutonyulwa ekhaya nePirates

Ukaputeni weRichards Bay FC uzibona benethuba lokudlulela kowamanqamu weCarling Knockout
Image

NGUKAPUTENI weBay FC, uSimphiwe Mcineka noGenino Palace weStellies. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UKUFANISA nesibusiso ukutonyulwa kwabo ekhaya ne-Orlando Pirates ukaputeni weRichards Bay FC uSimphiwe "Khimba" Mcineka, odlala emuva.

IBay itomule iPirates kwiSemi final yeCarling Knockout ngesikhathi kuqhathwa amakilabhu adlulele kulesi sigaba salo mqhudelwano.

La makilabhu aqhathwe emuva komdlalo lapho iMarumo Gallants inenebule khona iStellenbosch FC ngo-4-0 ngoLwesithathu ebusuku eDr Petrus Molemela Stadium, eBloemfontein.

IGallants yona itonyulwe ukudlala ekuhambeni neLamontville Golden Arrows. Izinkundla, izikhathi nezinsuku okuzogijinywa ngazo le midlalo, kusazomenyezelwa.

Kodwa sekuqinisekisiwe ukuthi le midlalo izokuba ngempelasonto yesibili kuLwezi (November).

Image

NGUTHABISO Lebitso noSipho Chaine bePirates okulindeleke ukuba baqinisekise ukuthi amagoli kawangeni uma sebebhekene neBay kwiSemi final yeCarling Knockout.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX


UMcineka ekhuluma naleli phephandaba, uthe kufana nesibusiso kubona ukutonyulwa ekhaya nekilabhu enkulu njengePirates.

"Sitonyulwe kahle kakhulu ngoba bonke abantu bazitshela ukuthi kuzobe kwehlela kwiPirates. Thina njengabantu abangezona izimfivilithi, futhi silokhu siphuma kuma-semi final, sifuna ukudlulela phambili kulokhu.

"Ngeke kube lula, kodwa uma ufuna ukuba yikilabhu engcono, nawe kufanele udle la makilabhu amakhulu. Lo mdlalo uzokuba muhle kakhulu emphakathini wangakithi eKing Cetshwayo nakubalandeli nje baseKZN," kusho uMcineka.

Nokho kusengenzeka ukuthi abaxhasi neligi bafake ingcindezi yokuthi lo mdlalo ugijinyelwe eThekwini ngenxa yokuhanjelwa kakhulu kwemidlalo yePirates, ikakhulukazi uma seyikulesi sigaba semikhumulajezi.

Lokhu bangakwenza egameni lokuphepha kwabalandeli abalindelekile.