14 | Izindaba
Friday, 31 October 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Siyanda isibalo sabamosha impilo ngokugembula. Abafundi kwiFacebook baphawule kanje:
De Lingers Somfana Malinga:
MAKE ngithenge i-voucher, ngidlale, ngidliwe, ngiphelelwe yicala.
Zodwa Ngwenya:
ABASIYEKE, thina siyaziphilisa ngale nto. Ongakwazi ukuzilawula okwakhe, thina asingeni ndawo.
Makhosi Khocy Dlamini:
KADE ngidlala manje, sengidliwe. Bekuyimali yokugcina, kangazi nanokuthi ngizophekani kusasa, kodwa angisoze ngayeka.
Nkazimulo Junior:
UBANI obanjwayo, kuthiwe makagembule?
Njabulo Maqatha Manzini:
LIYABHUBHA imisebenzi kayibonwa, kunzima. Uma udinga imali, iyabukisa ngathi le nto.
Nathi Nene:
IMPELA iphelile imali yabantu yile gambling. Inkinga kakuwinwa, futhi uhlala uhlupheka uma ugembula.
Bla Blai Shandu:
YINGAKHO becupha ama-game ukuze sidliwe. Izinja lezi.
MaMbhens'omuhle Bhungane:
MAYIVALWE le nto ngoba kwabanye igcina isiyisidakamizwa, bengasakwazi ukuphila ngaphandle kwayo.
Laba abathi bona basakwazi ukuphuma uma sebewinile, nakulaba asebejovekile, kwaqala kanje, so nabo they will end up addicted. Bangaziboni bengcono.
Bongeka Mdletshe:
IMPELA abantwana kabadli lutho, onina bagembula ngawo lo R500 we-grant ngoba kabasebenzi.
Cebie Magwaza Embusweni:
KWAMINA ngiyaye ngizibone sengikuleyo ngcindezi, kodwa ngiyabonga ngoba ngiyakwazi ukuzilawula.
Mcebozi Zungu:
SENZENJANI ngoba sizama imali?
Bongokuhle Ngubeni:
ABASIYEKE siyofela khona, kuyophela ama-voucher.
Busisiwe Sonti:
BANGENAPHI-KE laba ngoba siyaziyela, kasiphoqwe muntu?
Dumsane Sdumza Sthabiso:
SIGEMBULA ngemali yethu, imisebenzi kayikho. Kumele senze njani?
Ntokozo Duma:
WANGIKHUMBUZA, make ngifake u-R50, ngifake amakilabhu awu-10.
Gugulikamphemba Gcwally Bongiwe Ntuli:
KUKHONA abagembhula nangemali ye-rent.
Bheki Ngwenya Mtimande:
MINA sengiyakuqalekela ukuge-mbula. Uma ngingagembulanga, ngiyagula.
Mzukulu KaHlinza Masengwa:
Mabasiyeke! Bahlanganaphi?
Nasi isicefe bo!
Ziyamthanda Mhlanga:
I-GAMBLING vele wudoti. Uyabona le genge edlala le nto okuthiwa i-aviator, ibhanoyi, baphelile ngaleya nto. Mina ngangidlala izinombolo, sengayeka.
Ngihlanganisa u-2 years full ngayeka.
Robs Mfokazinja Ziyamkhonkotha Mthembu:
SIDINGA imali, kayikho into esingayenza. Esikuthola kubelungu ngamakinati.
Zoty Onakhokonke Gigaba:
HHAYI kabakahle kancane, si-busy!