13 | Izindaba

Friday, 31 October 2025

Ishaye izule: Zandile Tembe

Intsha mayifundiswe kusenesikhathi ukushayela


Izingozi zivame ukwenzeka ngempelasonto, abantu bebudedengu
Image

KUGQUGQUZELA ukuzimela nokukhulisa ulwazi lokushayela nemithetho yomgwaqo ukufunda kwentsha ukushayela isencane.

Siyadinga ukuqinisa nokuthuthukisa intsha ngentshisekelo yokufunda ukushayela kusenesikhathi, nalapho kuvuma khona umthetho wokushayela waseMzansi.

Sekuneminyaka ngibuka indlela ezinye izizwe ezikuthathela phezulu ngayo ukufundisa abantwana bazo ukushayela.

Lokhu kungigqugquzele ukuba nami ngikwenze lokhu emadodakazini ami. Nakuba kusengomdala kuphela onelungelo lokushayela, kodwa nodadewabo sebeqalile ukufunda imithetho yemigwaqo, nezinto eziyisiqalo sokushayela.

Image

Abangenasipiliyoni sokushayela kuthiwa yibona ababhekana kakhulu nezingozi

Ucwaningo ngezemigwaqo luveza ukuthi abashayeli abasebasha ekushayeleni nangeminyaka yobudala, basethubeni eliphezulu lokubhekana nezingozi emigwaqweni, ngenxa yemithelela yokungabi nesipiliyoni sokushayela.

Uphuzo oludakayo nezidakamizwa, ukushayela ngesivinini nokunganaki lapho beshayela ngenxa yokuthanda ukusebenzisa omakhalekhukhwini lapho beshayela, kungeminye yemithelela.

Izingozi zomgwaqo ezinabantu abasha, zenzeka kakhulu ngempelasonto phakathi kuka-9 ebusuku kuya ku-6 ekuseni, phakathi kukaLwesihlanu kuya kuMgqibelo.

Iningi labo kaliwafaki amabhande, kanti liyathanda ukuhamba lingaphezu kwesibalo esivumelekile emotweni, lokhu kuvezwe ngabakwa-Arrive Alive.

 Ukucofa ifoni ushayela kungadala ingozi

Image

Kubazali bezingane eziphakathi kweminyaka ewu-16 kuya kwewu-22 engikhulume nabo, basitshele ukuthi banquma ukuqala ukufundisa abantwana babo ukushayela besakuGrade 11, ukuze babakhombise izinto ezibalulekile ngokushayela. Bathe lokhu kubasizile kakhulu lapho sebevumelekile ukuyofundela isigaba seLearner's License.

Ngokomthetho waseMzansi, kuvumeleke ukukwenza lokho lapho usuneminyaka ewu-16 kuCode 1, okuyisithuthuthu esincane, neminyaka ewu-17 kuCode 2, okuyimoto encane, neminyaka ewu-18 kuya phezulu weminyaka wokushayela nanoma yiluphi uhlobo lwemoto.

Okuqashelwe kakhulu ngabanye abazali, okubenza babe nexhala kuphinde kube yingcindezi abantwana abayithola kusukela kuGrade 10 kuya emazingeni emfundo ephakeme, kuba yilapho bebona ontanga yabo befika ngezimoto esikoleni, nabo bafise ukufana nabo.

Lokhu kwenza abantwana bangakuqondi ukuthi ukushayela kakuncikile kakhulu ohlotsheni lwemoto oyishayelayo, kodwa kuncike ekuphepheni lapho ushayela, nokuqaphela emgwaqweni.

Image

UMnu Mabanga, weMabanga Driving School, yena uveze okwehlukile. Uthe indlu emnyama ihudula izinyawo lapho kumele ifundise intsha ngokushayela.

"Abantu beza ezikhungweni zethu sebexhamazela, sebephoqwa wukuvela kwamathuba emisebenzi.
Okwenza bangafundi ngokugcwele, baqonde ukuthi ukushayela kakusikho ukushayela nje, kodwa kuyingxenye enkulu yempilo nokumelana nayo (survival skill)," esho.

Uqhube wathi eminyakeni engaphezulu kwewu-20 efundisa abantu ukushayela, iningi labantu lifunde ukushayela selineminyaka ewu-23 kuya kwewu-25.

Image

Kukhuthazwa abazali ukufundisa izingane ukushayela zineminyaka ewu-16

Uthe yibona abantu ababona bedala izingozi okudlula laba abangaphansi kwabo ngeminyaka ngoba basuke sebefunde bexhamazela, bengasasitholanga isikhathi sokufunda kahle, baqonde yonke imithetho yemigwaqo nendlela eyiyo yokushayela.

Kuyanconywa ukuthi abazali bakukhuthalele ukufundisa abantwana ukushayela beseneminyaka ewu-16, ikakhulukazi ngoba esikhathini esiningi emndenini, isuke ikhona imoto.

Emindenini engenayo, kuyaphakanyiswa ukuba intsha ifunde incwadi yokufunda ngokushayela, ebizwa nge-K53.

Isikhathi esingasisebenzisa kakhulu, yiso lesi esibheke kuso, samaholide.

Abazali bangahlanganyela, bakhulume nezikhungo ezifundisa ngokushayela, bahambise abantwana babo ngamaholide ukuyofunda ukushayela, kuxoxiswane ngamanani nabanikazi bezikhungo.