12 | Izindaba 14
Friday, 31 October 2025
Kulobe
uMenzi Jele
Ezempilo
Ungqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uthi yize kuqwashiswa ngezinye izifo ezingamahlalakhona, kodwa iTB yiyona ebulala ukudlula ezinye izifo...
NGOLWESITHATHU lomhla ka-29 ku-Okthoba uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, ubekhuluma ePhalamende, egcizelela ukuthi imiphakathi mayiqwashiswe ngobungozi besifo sofuba (tuberculosis), esaziwa ngeTB.
UMotsoaledi uthi izifo osekukhulunywa ngazo, yilezo ezingamahlalakhona njengengculaza, isifo sikashukela nomdlavuza, abantu bakhohlwe wukuthi iTB, yiyona ebulala ukudlula zonke izifo emhlabeni.
Isifo sofuba siyathelelana, yingakho umuntu osekutholakele ukuthi unaso, kufanele aqale ukuthatha imishanguzo, adle namaphilisi okwelapha lesi sifo, aze aphele kuthi nesikhathi abekelwe sona sokwelashwa size siphele.
Kuya ngokuthi umonakalo osudalwe yigciwane
le-TB usukuliphi izinga emzimbeni, kodwa ukuselapha lesi sifo kakubi ngaphansi kwezinyanga eziyisithupha.
Igciwane le-TB lihamba ngomoya, uma umuntu onayo ekhwehlela, ethimula, ephimisa amathe noma igazi, lisuka kulowo muntu lingene komunye ongenaso isifo sofuba.
NAZI IZIMPAWU ZESIFO SOFUBA
💊 Ukukhwehlela okungapheli;
💊 Ukukhwehlela igazi;
💊 Ukuba ubuhlungu esifubeni (sharp pains) ;
💊 Ukuzizwa ukhathele, futhi uphelelwa ngamandla;
💊 Ukujuluka uma ulele;
💊 Ukuncipha emzimbeni, ubenenhliziyo emnyama, ungakuthandi ukudla.
NAZI IZINTO EZIDALA ISIFO SOFUBA
💊Ukusondela eduze kakhulu kumuntu onayo iTB;
💊 Ukuba nezifo ezingamahlalakhona, ezenza amasosha omzimba abentekenteke;
💊 Ukuphefumula umoya ongcolile, nentuthu;
💊 Ukudla ngokhezo noma ngesitsha somuntu onayo iTB;
💊 Ukuphuza utshwala, ukubhema nokusebenzisa izidakamizwa, lokhu kuyawakhathaza amasosha omzimba.
NAZI IZINGXENYE ZOMZIMBA EZIHLASELWA KAKHULU YIGCIWANE LE-TB
💊 Amaphaphu ngoba igciwane liyawadlavaza, bese umuntu abenokukhwehlela okungapheli;
💊 Umgogodla, lokhu kwenza umuntu angakwazi ukuma nokuhamba aqonde;
💊 Izinso, uma selihlasele, umuntu ubonakala ngokuchama igazi;
💊 Ubuchopho, umuntu uphathwa yikhanda elinkenkethayo;
💊 Umuntu onesifo sengculaza noma isifo sikashukela, kubalula ukuthi athole isifo sofuba, ngoba amasosha omzimba asuke entekenteke.
QAPHELA: I-TB iyelapheka kodwa qikelela ukuthi imishanguzo, namaphilisi onikwa khona, ukudla ngendlela eyiyona, futhi uyakuqeda.
Ukudla okunjengenyama, inhlanzi, ubhontshisi, amaqanda, ubisi, izithelo, amantongomane, kuyasiza ukuthi ungangenwa yigciwane le-TB kalula.
menzi.jele@ilanganews.co.za