Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 31October 2025

Woza Nazo Mzala!

Image

Ama-2k angafunda lukhulu kuSomgaga ngokuthanda imfundo esena-53

 IMPELA baqinisile uma bethi imfundo kayikhulelwa, bheka nje uSomizi "Somgaga" Mhlongo wethweswe iziqu zemfundo eseneminyaka ewu-52.

Uphapha impela uSomizi kepha uMzala akuqaphelayo ngaye wukuthi uphusile, kangimboni elamba kulo mkhakha ongenalo uzwelo kaqedisizungu.

Masethembe ukuthi ama-2k azosika iphethini, abone ukubaluleka kokuqhubeka nemfundo, kube khona akuphethe esandleni. 

Image

 Kazi wanidlelani uDj Zinhle bomonase?

 CHA bandla niyabhora eMzansi, tshelani mina ngitshele abanye ukuthi nimfunani uDj Zinhle ngoba akasukeli muntu.
Le nkosazane ithe izihlalele nomyeni wayo, uBongani "Murdah" Mahosana bejabule, base bekhulumile oqekethwayo bethi uMurdah ujola nezingane zasenyuvesi. Hhayi bandla nehlule!
Futhi okubuhlungu wukuthi kukhuluma abantu besifazane. Uwodwa umbuzo ongifikele, uthi kazi laba enijola nabo bona bagadwe ngubani?
 Phela uMzala anganitshela izindaba zenu ngaphandle kokunanaza, ukuthi nabo
baya-cheater lapho bekhona.

Image

 Nkosi sikelela amaSandawana, engahlangani noMukoko weLupopo

 NGOBA senginesiqiniseko sokuthi isihambile kuleli, yafinyelela kwelakubo le ndoda enguDieumerci Mukoko, umuntu usengaphefumula ngokukhululeka.
Umuntu ongayazi le ndoda egijimela iSaint-Eloi Lupopo yaseDR Congo, akobuza abafana bezikaMagebhula. Bekungathi sincinzwa yintelezi isilwane sikamhlola, sinyathela, sigqumuze ngekhanda abadlali ngapha nangapha, siphinde sifutheke, sikhiphe amehlo ngaphandle, wena owabona imfezi.
 Ngeke ngethuke uma kungathiwa umdlali weBucs uYanela Mbuthuma wethuswe yilawaya mehlo, waze washweba iphenathi, njengoba beguqe ngawo, iLupopo yadlulela esigabeni samaqoqo seCAF Champions League.
UMzala uthandazela ukuthi iLupopo ingatholani eqoqweni elilodwa neMamelodi Sundowns njengoba kuyiyona esimele uMsawudeni kulo mqhudelwano. Bengaba yini kodwa oMarcelo Allende kuleya nunu eyabonwa nguGeneral Bheki Cele.