02 I Izindaba 

Friday, 31 October 2025

Ezifingqiwe


noThandoluhle Ngubo

Image
 'UMatlala wakhokhela umkhankaso kaMchunu 
u-R500 000, wapha noJenene 
uSibiya u-R2 million'

 KUVELE ukuthi usomabhizinisi oyanyaniswa nokulawula ukusebenza kwamaphoyisa uVusimuzi "CAT" Matlala, wakhokhela umkhankaso kaNgqongqoshe wamaPhoyisa osekhefini eliyisipesheli, uMnu Senzo Mchunu, wokuba wumengameli we-ANC.

Lokhu kuvezwe wubufakazi buka-witness C kwiKhomishini kaMadlanga ephenya izinsolo ezavezwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene uNhlanhla Mkhwanazi, zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa.

 Lo fakazi uveze ukuthi uMatlala wazivumela ngowakhe ukuthi uxhase lo mkhankaso ngo-R500 000, owasetshenziselwa ukuthenga amathikithi amabhanoyi, ukukhokhela izindawo zokuhlala nokunye okuthinta i-ANC ngesikhathi kunomgubho waleli qembu, ngoJanuwari, eCape Town.

Uveze ukuthi uMatlala waphinda wanika iSekela loMkhuzi wamaPhoyisa elisamisiwe uJenene uShadrack Sibiya u-R2 million ukuze athenge umhlaba eMidrand, eGoli, waphinde "wamphekisa" ngo-R300 000, kushada indodana yakhe.


"UMatlala wathi uMchunu wayenesifiso sokuba ngumengameli we-ANC. Waveza ukuthi wayengakholwa ukuthi uMchunu angaphumelela, wesaba ukumtshela, kodwa waqhubeka wamkhokhela," esho.

Friday, 07 March 

Image
 Lizibona lizohluleka ukubamba umnqamulajuqu ikomidi lasephalamende 'kolukaMkhwanazi'

 LIXWAYISE ngokuthi kungenzeka kushaye usuku lomnqamulajuqu lingakaqedi ukwenza umsebenzi walo ikomidi lephalamende eliphenya ngezinsolo zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa, ezavezwa nguJenene uNhlanhla Mkhwanazi ngoJuly wanonyaka.

Lokhu kuvezwe nguSihlalo waleli komidi uMnu Soviet Lekganyane ngoLwesithathu. ULekganyane (osesithombeni) uthi ngenxa yomthamo womsebenzi osasalele leli komidi, kubukeka kuzoshaya umhla ka-28 Novemba, owumnqamulajuqu, bengakaphothuli. Uthi phakathi komsebenzi osele, wukucubungula iziphakamiso zomphakathi ezingaphezu kuka-250.

 Amalungu aleli komidi aphakamise ukuthi kunqanyulwe abanye bofakazi ohlwini lwamagama awu-36, abebezofakaza kuleli komidi. Athi labo abazonqanyulwa bazocelwa ukuba banikezele ubufakazi babo ngezitatimende.

Phakathi kofakazi abazovela kubalwe lowo oyiNhloko yeziSebenzi ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Cedrick Nkabinde, isikhulu sezobunhloli uJenene uDumisani Khumalo, uMnu Brown Mogotsi, uMnu Vusimuzi "Cat" Matlala, noMnu Paul O'Sullivan.

Friday, 07 March 

Image
  Inkantolo ithi yabulawa ngamaphoyisa iNkosi uLuthuli

INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe isinqumo sokuthi washaywa ngamaphoyisa obandlululo waze washona lowo owayengumengameli we-ANC, iNkosi Albert Luthuli.

Lokhu kuvele ngoLwesine ngesikhathi kuhleli isigcawu ebesiphenya ngembangela yokufa kukaLuthuli, okwathiwa washayiswa yisitimela sezimpahla, washona ngo-1967.
Ukuhlala kwalesi sigcawu kuqale ngasekuqaleni konyaka njengoba bekunezikhalo, ikakhulukazi kumalungu e-ANC, zokungagculiseki ngendlela okwasingathwa ngayo udaba lokufa kukaLuthuli.

Lethula isinqumo iJaji uNompumelelo Hadebe, lithe ubufakazi bomlomo nobe-documentary obethulwe enkantolo kabuhambisani nesinqumo esakhishwa yinkantolo eminyakeni edlule. Lithi uLuthuli washaywa ngababephethe umthetho ngaleso sikhathi ngokubambisana nezisebenzi zakwaSouth African Railways.

"Le nkantolo isibeka eceleni isinqumo seMantshi yaseStanger uCI Boswell, esakhishwa ngoSeptemba ka-1967, mayelana nokufa kukaLuthuli. Sithole ukuthi umufi washona ngenxa yokuqhekezeka kogebhezi, yi- cerebral haemorrhage (okulapho igazi lichithekela khona ebuchosheni ) nokulimala kobuchopho ngenxa yokushaywa," esho.

Uphakamise ukuba kuphinde kwenziwe uphenyo ngokunyamalala kukaMbhemu Myandu, owabona kubulawa uLuthuli.

Friday, 07 March 

Image
   Sekuntwela ezansi ngokubuyiswa kuleli kwabasolwa ngokubulala u-AKA abaseSwazini

ZINGASE zibuyiselwe eNingizimu Afrika maduze izelamani ezimbili zakwaNdimande, uSiyabonga noMelusi, eziyanyaniswa necala lokubulala isihlabani somculi weHip Hop uKiernan "AKA" Forbes, owadutshulwa wafa ngo-2023.

Lokhu kuza ngemuva kwemibiko ekhishwe yiphephandaba laseSwazini, lapho ezibhace khona, iThe Swaziland News, eliveze ngoLwesithathu ukuthi lezi zelamani zisilaxazile isicelo sokuphikisa ukubuyiselwa kwazo kuleli.

Okhulumela inhlangano yezokushushisa kuleli, iNational Prosecuting Authority (NPA), KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, utshele abezindaba ukuthi bawutholile umbiko othinta lolu daba kwiziphathimandla zaseSwazini.

Uthi lezi ziphathimandla yizo ezizosingatha udaba kuze kube lezi zelamani zedluliselwa ngokusemthethweni kwiziphathimandla zakuleli ngesikhathi esifanele.

Lezi zelamani zizojoyina abasolwa abahlanu abagcinwe ejele okunguLindokuhle Mkhwanazi, uLindani Ndimande, uSiyanda Myeza, uMuziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande, nabo abayanyaniswa necala.

Image

Friday, 07 March 

    UMdaka ubuyiselwe ebuholini bomkhandlu eMkhanyakude

UKHUZE ibuya kwesokuba ngomunye wabaholi boMkhandlu wesiFunda uMkhanyakude uMnu Sphile Mdaka phambilini obeyimeya ngethikithi le-ANC.

Wakhishwa ngevoti lokungethenjwa kulesi sikhundla emasontweni ayisihlanu adlule. Isikhundla sakhe sahlwithwa nguMnu Comfort Khumalo ophuma kwi-IFP, obeyimeya yaseBig 5 Hlabisa.

Ubekhishwe noMnu Solomon Mkhombo obephethe esikasomlomo. Esikasomlomo sithathwe nguMnu Petros Madlopha we-IFP.

Okhulumela umkhandlu uMnu Mduduzi Dlamini, uqinisekise ukubuyiselwa kukaMdaka.

"NgoLwesine (izolo) kubanjwe umhlangano wamakhansela emahhovisi kaMasipala eHluhluwe okuyilapho okuvotelwe khona uMdaka.

" Amakhansela afake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMnu Thembinkosi Sibiya, obeyisekela lemeya kulo mkhandlu. Kuleso sikhundla kuvotelwe igama likaMdaka. USibiya usolwe ngokwephula imithetho elawula ukusebenza kwehhovisi lakhe," kusho uDlamini.