21 | Ezemidlalo
Friday, 31 July 2026
OShaka ezinhlelweni zokuvuka ngeStormers kwiCurrie Cup
Nhlanhla Hudla
UMQEQESHI weSharks XI uMike Vowles uthi unethemba lokuthi bazovuka bazithathe njengoba bezogadulisana neDHL Stormers koweCarling Currie Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eDHL Stadium, eCape Town.
Ngeledlule oShaka bakhala ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu beguqiswa yiCheetahs eBloemfontein. Ekhuluma ngaphambi komdlalo wezakhe lo mqeqeshi, uthe amalungiselelo ahamba kahle futhi akangabazi ukuthi bazobuya nomphumela ogculisayo ekuhambeni.
NGUMQEQESHI weSharks XI, uMike Vowles.
"Sibe nesonto elihle lokuzilungiselela futhi nginethemba lokuthi sizokwenza kahle kulo mdlalo. Siyazi ukuthi sizobhekana nabantu abadlala kahle futhi nabo bayilambele impumelelo kwazise nabo basanqobe umdlalo owodwa kwemibili abasayidlalile njengathi, okuzokwenza ukuba izinto zibe nzima kakhulu.
"Okusijabulisa kakhulu wukuthi kuzokube kukhona nabadlali abebedlala eqenjini lesizwe lika-U/20 abazosinika lokhu esikudingayo. Sizimisele ngokushesha sisebenze kusakhanya ukugwema ukuthelwa ngamathonsi abanzi ngasekugcineni njengoba silwela ukuba semaqenjini amane azodlulela kweyomkhumulajezi," esho.
NGUMQEQESHI wamaBhokobhoko uRassie Erasmus.
* Khonamanjalo, umqeqeshi wamaBhokobhoko uRassie Erasmus uxwayise abadlali bakhe ukususa imiqondo yabo emidlalweni abazoyigijima ne-All Blacks yaseNew Zealand ngenyanga ezayo kepha bayibhekise kwi-Argentina abazoyivakashela ngaphambi kokubuya ukuzobhekana nezimbangi zabo ezinkulu.
I-All Blacks seyikubeke kwacaca ukuthi ifuna ukubuyisela elakuleli kwamhlaba ngale midlalo njengoba ihlose ukubuyisa ngayo udumo eyaziwa ngalo kulo mdlalo wombhoxo. Kuzokhumbuleka ukuthi womabili la mazwe yiwona asayinqobe amahlandla amaningi indebe yomhlaba. Elakuleli liyonqobe kane kanti i-All Blacks kathathu.