10 | Ezikaqedisizungu  

Friday, 31 July 2026

Woza Nazo Mzala!

Image

NGU-GRACE Mondlala obenzele inja yakhe uKai i-party.

Cha ninemikhuba bahlali!

SENIQALA ukuba nemikhuba edidayo manje bahlali. UGrace Mondlana oyi-influencer unyakazise izinkundla zokuxhumana ngesikhathi enzela inja yakhe, uKai, i-birthday party.

Hhayi ezinoMzala azikaphili impela uma kuzoze kwenzelwe inja i-party, kepha yena engakaze enzelwe yona.

Kuyacaca ukuthi abanye bethu siphelezele oKai noGrace, uma kunje.


Image

NGU-L'VOVO Derrango odalule izinkinga anazo.

Manibe nozwelo, umuntu nimhlasela ngisho egula? 

I-SOCIAL media isinifundise ukungabi nalo uzwelo, kwazise phela nikhuluma nicashe ngale kwama-phone enu.

UMzala ukhexile futhi udangele ngezinto ebenizisho ngomculi uL'vovo Derrango ngemuva kokuphumela obala ngezinkinga ezimkhungethe.

Nakuba bebekhona abebezwelana naye, kepha kukhona imithonseyana ebisho amagama abuhlungu.

Ngisho ngabe wayenone kangakanani uL'vovo, kodwa umuntu uma engasaphathekile kahle ngokwempilo kwehlelwa ngezansi. Musani ukuba nezinhliziyo ezilukhuni, mxoleleni.


Image

NGUNONKANYISO (LaConco) obejabulela uMnu Jacob Zuma ngokweseka indodana yabo.

 Yintokazi ziphelele uLaConco, yingakho noMsholozi engacucuzanga

IMPELA ezababili kazingenwa! UMzala ubone uNonkanyiso Chonco (LaConco), encoma uJacob Zuma noDuduzani, ngokuthi bafike esikoleni sengane yakhe uSakhumzi, bezoyeseka.

Ncoooooh u-girl kuzicacele nje ukuthi usasemathandweni. Phela uMzala akakusoli, yinsizwa enogazi uMsholozi.

Hehehe iyangihlekisa-ke nokho le eyokuthi uZuma wonke unesidlaliso esithi, 'Jigga'......Thatha jiggaman!!

Nokho angimncome umfo kaMsholozi, uneso.
Phela yinhle le ntokazi enguLaConco, iswele mina njengomyeni wayo.