08 | Izindaba
Friday, 31 July 2026
AbeMarch and March bathi sebemxoshile uNgizwe Mchunu...
NguMnu Nkosikhona 'Phakelumthakathi' Ndabandaba.
Nhlanhla Hudla
ABANANXA ngabantu abakhuluma amagama alumelayo kubona abaholi beMarch and March, elwa nabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.
Lokhu kushiwo nguMnu Nkosikhona 'Phakelumthakathi' Ndabandaba, ongomunye wabahlala beseka umholi wale nhlangano uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, okunguyena owasungula le nhlangano esematheni kulezi zinsuku ngenxa yemisebenzi yayo.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uNdabandaba, uthi konke okwenzekayo bebevele bekulindele, kwazise bayazi ukuthi bebebhekene nohlobo lwabantu abanjani.
"Le mibhikisho siyenze namaqembu ezepolitiki ahlukene, futhi sayenza ngokukhulu ukubambisana, okuyinto obekungelula ukuthi siyenze. Kodwa ngenxa yobuqotho balaba baholi, konke kwenzeka kahle ngaphandle kokuba kube khona la kumosheka khona.
"Kufanele sibabonge abantu ngokusebenzisana kahle, singakhulumi okungeyikho.
Kuyimanje siyaqhubeka nesikwenzayo, kodwa futhi silokhu sihamba ngazwi linye lokuthi konke esikwenzayo, sikwenza ngokulandela umthetho, akukho la esizibambela khona umthetho ngezandla.
"Namanje siyaqhubeka eZululand, asiphuli mthetho, futhi asintshontsheli muntu.
Esikwenzayo, wukubuyisa ubuntu kubantu abansundu," usho kanje.
Uqhube wathi akekho umuntu abanenkinga naye, noma ngabe kukhona okhuluma kabi ngabo, ngeke bamphendule ngoba bafundiswa kahle emakubo.
Uthi noma umuntu angabashiya ahambe, uma esefuna ukubuya bazophinde bamamukele kahle.
UNdabandaba usho lokhu ngemuva kokusabalala kwezinkulumo eziqoshiwe, lapho uNgizwe Mchunu obengomunye wabebehamba phambili kulama mashi okulwa nabokufika kuleli ngokungemthetho, ekhwela edilika kuyena nakuNkk Ngobese-Zuma. UNgizwe umbize (uPhakela) ngembongolo ehamba ifutha amakhala, engakaze ilubhade ngisho eMozambique. Uthe uJacinta wazi ukukhishwa nje kuphela.
NgoMsombuluko kwasabalala incwadi ezinkundleni zokuxhumana ebhalwe ngabeMarch and March, ithi isimxoshile uNgizwe kule nhlangano, futhi iyaziqhelelanisa nokusebenzisana naye.