03  | Izindaba

Friday, 30 October 2026

Ukhuza ibuya kwezombhaqanga oweZingane Zoma

 UShobeni uthi yize kunzima ukudayiseka komculo kodwa unethemba lokuthi luzoba khona ushintsho... 

Ubuyise iqembu lakhe elidala elibizwa ngeFamily...

Image

Mthobisi  Sithole

IKHUZA ibuya ingqwele kwezomculo wombhaqanga uShobeni Khuzwayo (osesithombeni), owaziwa kakhulu nakwezomculo kamaskandi njengomsunguli weZingane Zoma, nophrojusa omkhulu wamaqembu kamaskandi adumile endimeni yomculo.

UShobeni ubuyise iqembu lakhe elidala lombhaqanga elibizwa ngeFamily. Leli qembu lizokhipha i-albhamu entsha namhlanje ngoLwesihlanu esihloko esithi, "Lo Muzi".

Ekhuluma naleli phephandaba uShobeni uthe, ubuyise leli qembu ngenxa yengcindezi yabantu  abekhala ngokuyeka kwakhe umculo wombhaqanga.

Image


Uveze ukuthi nakuba sekunzima ukudayiswa komculo, kodwa unethemba lokuthi izokwenza kahle le albhamu emakethe.

Image

Uthi uyazi ukuthi kunezinselelo eziningi zokungasekeki kwalo mculo, kodwa unethemba lokuthi luzokwenzeka ushintsho uma beqopha umculo omusha.

Uthi bazosebenza ngokubambisana namanye amaciko alo mculo, ukuze baqinisekise ukuthi luyenzeka ushintsho.

"Nginethemba lokuthi uma siwenza lo mculo, mhlawumbe imisakazo izosibona isidingo sokuthi ivuseleleke ngoba kunzima ukulwela into engekho, kwazise nasemsakazweni awukho umculo omusha esiwenzayo ngobuningi bethu emculweni wombhaqanga," kusho uShobeni.

Kule albhamu uthe usebenzisane nabantu abadala endimeni yezomculo, okubalwa kubo uThuthukani Cele kwi-keyboard, iqembu iMpumelelo naBangani.

Leli qembu lidume kakhulu eminyakeni edlule ngama-albhamu alo ayeshisa izikhotha, okubalwa ethi, "Izwa Mina, i-Akuvumi, namanye.
mthobisis@ilaganews.co.za