Ezemidlalo | 19

Friday, 30 May 2025

Image

UNcikazi ubonga iPirates ngethuba

Sibhekwe ngabomvu isinqumo sikaMaela ngekusasa lakhe kwezikaMagebhula

Senzo Sokhela

UBONGA ithuba abelinikiwe lokuhola i-Orlando Pirates uMandla "Mhloli" Ncikazi obanjiswe izintambo zokuqeqesha le kilabhu ngemuva kokushiya kukaJose Riveiro waseSpain, okhululwe isikhathi sokuphela kwenkontileka yakhe singakafiki.

IBucs ibambane neMagesi FC ngo-1-1 kowokusonga iBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku
e-Orlando Stadium, eSoweto.

EZimnyama yizona ezivule inkundla uPatrick Maswanganyi elibeka enethini, kodwa igoli lakhe lacinywa ngelika-Edmore Chirambadare okwenze kwayiwa ekhefini sekuvele kuwu-1-1.

Image

UBUNGAFUNGA ukuthi bayabhukuda uMzwandile Buthelezi weMagesi FC nonozinti wakhe u-Elvis Chipezeze, efike ngezinkani uMohau Nkota wePirates. 
IZITHOMBE NGABE:BACKPAGEPIX

UNcikazi nguyena oqedele isizini emuva kokuba uRiveiro ecele ukukhululwa njengoba eyanyaniswa ne-Al Ahly yaseGibhithe.

Kule midlalo emine abeyibambile, akazange ahlulwe nakanye uNcikazi njengoba enqobe owodwa wadlala ngokulingana kwemithathu.

"IPirates yisikhungo esikhulu, ukunikwa ithuba lokuyihola yinto enkulu kabi. Ngiyabonga kakhulu ngethuba noma yiliphi engilinikwayo, ngizokwenza lokhu engiyalelwa khona ngoba ngiyisisebenzi sale kilabhu," kusho uNcikazi.

Image

NGU-INNOCENT Maela obengukaputeni we-Orlando Pirates.
IZITHOMBE NGABE-BACKPAGEPIX

* Khonamanjalo, sibhekwe ngabomvu isinqumo
sika-Innocent Maela (32) obengukaputeni wale kilabhu ovalelisile kubalandeli bayo ngemuva kwalo mdlalo.

UMaela kuvela ukuthi unikwe umsebenzi ngaphakathi kule kilabhu, kodwa kulindwe yena ukuba asho ukuthi uzowuthatha yini noma uzoqhubeka nokudlala ibhola kwenye indawo.