Izindaba | 13

Friday, 30 May 2025

Image

Yazi amaqhinga avame ukusetshenziswa yizigebengu ukuqola abantu kwi-inthanethi

Ungoti uthi izigilamkhuba ziyaqhubeka nokuthuthukisa amaqhinga okulutha abantu

Bheki Ndlovana

I-INTHANETHI kubikwa ukuthi isiphenduke inkundla yamaqola. Abantu baxwayiswa ukuba baqaphele ulwazi oluqondene nabo, abalufaka ezinkundleni zokuxhumana njengoba ubugebengu obenziwa
kwi-inthanethi budlangile.

IStandard Bank yexwayisa abantu ngokuba bazi ngamaqhinga obuqola asetshenziswa yizigebengu esikhathini sanamhlanje. 

Ngokusho kuka-Adv Athaly Khan, oyiHead of Fraud Risk Management, otsotsi abenza lobu buqola basebenzisa amaqhinga ahlukene, okubalwa kuwo ukuthumela amaSMS omgunyathi, ama-email kanye nokufuna ngodli imali kubantu ngokubasabisa (extortion).

Image

Uthi izigebengu ziyaqhubeka nokuthuthukisa amaqhinga eziwasebenzisayo ukudoba abantu ukuba bakhiphe imininingwane yabo ebucayi. Ube esebalula amaqhinga ajwayelekile, asetshenziswa yizigebengu ukubamba inkunzi kwi-inthanethi, waphinde waqwashisa abantu ngezindlela zokuzivikela.

* Imiyalezo yomgunyathi
Kubikwa ukuthi izigilamkhuba sezisebenzisa uhlelo lwamabhange lokuqinisekiswa kwemininingwane yamakhasimende, ukuqikelela ukuthi iyahambisana nomthetho iFinancial Intelligence Centre Act (FICA).
Kubikwa ukuthi izigilamkhuba zithumelela abantu imiyalezo nge-email nangeSMS, zenze sengathi leyo miyalezo ivela ebhange.

U-Adv Khan uthi lawo ma-email nemiqhafazo kusuke kuhambisana ne-link enobungozi, okusuke kuyalelwa abantu ukuba bachofe kuyo, basatshiswe ngokuthi uma bengakwenzi lokho, ama-akhawunti abo asuke ezovalwa.

Uqhube wathi uma kwenzeka abantu bechofa kule link, ibathatha ibafake kwi-webstite yomkokotelo, noma bayalelwe ukuba bafake imininingwane yabo ebucayi njengenombolo yekhadi lasebhange, wusuku lokuphelelwa kwekhadi yisikhathi, yinombolo ebizwa ngeCVV, noma inombolo ebizwa nge-One Time Pin (OTP).

Kokunye le link kubikwa ukuthi ingaphazamisa ukusebenza kwe-device yomuntu asuke eyisebenzisa, okwenza ukuthi izigilamkhuba zikwazi ukuthola ulwazi olubucayi ngoba zisuke sezikwazi ukuzitholela imininingwane ebucayi yomuntu.

Image

* Ukufunwa kwemali ngempoqo
Kunomkhuba wokuqola ngokubasabisa abantu ngokuthi uma bengakhokhi izizumbulu ezisuke zifunwa ngamaqola, basuke bezolinyazwa noma kwenekelwe izwe ulwazi lwabo olubucayi, noma kudicilelwe phansi isithunzi sabo.

"Siya ngokuya sibona amaqola enza sengathi amele izinhlangano ezihlonishwayo njengeSouth African Reserve Bank, iSARS (South African Revenue Service) noma iSAPS - athi aphenya amakhasimende ngamacala abucayi, okukhwabanisa nokushushumbisa imali," kusho u-Adv Khan.

Uthi kokunye izisulu zinikezwa ama-akhawunti omkokotelo, ziyalelwe ukuba zifake kuwo imali  ngesikhathi kwenziwa lolo phenyo lomgunyathi, okusuke kuthiwa luyenziwa.

Ngesinye isikhathi izigebengu ziye zisebenzise iqhinga lokufaka itwetwe kubantu ngokuthi zithi zinolwazi olubucayi lomuntu njengezithombe okungafanele zibonwe ngabantu, bese zifuna ukukhokhelwa ukuze zingalusabalalisi lolo lwazi.

Image

* Okumele umuntu akwazi uma ebhekene namaqola, ngokusho kuka-Adv Khan:
Yehlisa umoya, ungatatazeli. Izigebengu zinomkhuba wokufaka uvalo emntwini uma zifuna ukumlutha. Zinike isikhathi, uqinisekise osuke utshelwa khona noma uyalelwa ukukwenza.
Ungalokothi uthumele imali noma uchofe i-link esuke ihamba nomyalezo ongawuqondi.
Izinhlangano ezisemthethweni, okubandakanya kuzo namabhange, azilokothi zifune izinkokhelo ngale ndlela, noma ziyalele abantu ukuba bathumele imininingwane yabo ebucayi ngale ndlela.
Uma ukholwa wukuthi kukhona okushaya amanzi kwi-akhawunti yakho yasebhange, xhumana nebhange ngokushesha. Lingakusiza ngokuvikela
i-akhawunti yakho, liphenye ngenkinga osuke unayo.
Jwayela ukuhlala uhlola izitatimende zasebhange zama-akhawuntu akho, ubike uma kukhona okusolisayo.