Izindaba | 12
Friday, 30 May 2025
EZEMPILO
Kunobungozi ukufaka uvolo nokusebenzisa
ama-earbuds
Mthokozisi Dlomo
UBOMVU endlebeni yinto ejwayelekile, futhi esikhathini esiningi akuyona into okumele isheshe yenyuse amaphaphu kumuntu. Ngokusho kongoti, umzimba womuntu ngokujwayelekile ukhiqiza
i-earwax (izigonogono), umsebenzi wazo okuwukuvimba udoti namagciwane, nezinye izinto ukungena, zilimaze indlebe.
Uma sekuphuma uketshezi, olubizwa nge-otorrhea (ubomvu), yilapho kusuke sekufanele uqaphele okwenzekayo kuyona.
Buyini ubomvu?
Ngokodokotela kwiHealthline.com, ubomvu kuyenzeka bube wuketshezi olungamanzi, bube nokusagazi, bushube noma bube mhloshana.
Esikhathini esiningi budalwa ngamagciwane angena endlebeni, yi-simmer’s ear noma
yi-eardrum elimele. Kuyenzeka kokunye budalwe wukuthinteka komgudu wendlebe noma uma kungene okuthile kuyona okungadingeki.
Kuyenzeka indlebe iphathe abantu bomndeni owodwa, kodwa ongoti bathi akukho okungako okuphathekayo okukhomba ukuthi umama uyakwazi ukuyedlulisela enganeni.
Izinto ezingadala ubomvu
I-middle ear infection (MEI): Lena yiyona mbangela ejwayelekile yobomvu ezindlebeni.
I-MEI, ebuye yaziwe nge-otitis media, yenzeka lapho amagciwane nokungcola kudlula kwi-eardrum, okuyisivalo esivikela indlebe, kufinyelele kwi-middle ear. Lapha yilapho kukhona izinzwa. Amagciwane lawa enza kubhibhe, bese ubomvu bugcina sebugqobhoza imbobo kwi-eardrum, buphumele ngaphandle.
Ukulimala: Kokunye kuyenzeka ulimale endlebeni unganakile, kokunye uzilimaze uthi uhlanza indlebe nge-earbud noma ufake uvolo. Uvolo ungagcina wenza indlebe ingasakwazi ukuphefumula, kulimale umgudu.
Umsindo omningi: Umonakalo owenziwa wumsindo omkhulu ubizwa nge-acoustic trauma. Kungenzeka udalwe wukuba semsindweni isikhathi eside, noma ukulalela ama-earphone, ikakhulukazi lawa angena phakathi endlebeni.
ISwimmer’s ear: Njengegama lakho, lokhu imvamisa kwenzeka uma umuntu esehlale isikhathi eside emanzini. Amanzi uma esehlale kakhulu endlebeni angalimaza isikhumba somgudu wendlebe, kungene amagciwane noma iFungus, kubhibhe. Kungadalwa nangezinye izinto ezilimaza isikhumba njenge-eczema.
Ukungena kwezinto ezingadingeki: Uma kungene okungalungile endlebeni, umzimba wakho uzama izindlela zokuyikhipha leyo nto. Enye yezindlela yikhona ukuthi kwakheke ubomvu.
Kunini la kumele ubone udokotela?
Ongoti bathi kumele uthole ukuhlolwa ngudokotela uma ubomvu obuphumayo bumhlophe, buthanda ukuba phuzi noma bomvana. Nakuba kuhlale kukuhle ukusheshe usukume, odokotela bathi kumele ufune usizo uma ubomvu sebuphume izinsuku ezinhlanu zilandelana.
Shesha usukume uma unobuhlungu endlebeni, ivuvukele noma kuncipha izinga lakho lokuzwa. Udokotela angakukhanyisa, abuke endlebeni noma asebenzise ezinye izindlela uma umgudu wendlebe yakho uvalwe yizigonogono.
Ukwelashwa
Kwezinye izikhathi, isimo sakho ngeke sidinge ukuthi uze uthole ukwelashwa. Ongoti baphakamisa ukuthi ulinde okungenani amahora awu-48 ukubona ukuthi yenza njani indlebe yakho, ngaphambi kokutatazela.
Esikhathini esiningi udokotela angakunika imithi yokuconsisela endlebeni, ebulala amagciwane (antibiotics).
Okubalulekile
Odokotela bathi kubalulekile ukuthi indlebe ihlale ishaywa wumoya, yize abanye bencamela ukufaka uvolo endlebeni uma iphuma ubomvu. Bathi uvolo nama-cotton buds kunobungozi ngoba ukotini uyavuthuka, kube khona okusalayo endlebeni. Lokhu okusalayo yikhona kanye okungagcina kukudalela izinkinga endlebeni.