Izindaba | 09

Friday, 30 May 2025

Image

Kuhlomule izaguga kucotshelelwa intsha ngolwazi lwamabhizinisi


Mthobisi Sithole

KUQEQESHWE izaguga ngamasu okuqalwa kwamabhizinisi nemigomo yokubhaliswa kwawo ukuze baleke-lelwe ngokufaka izicelo zoxhaso lwemali kahulumeni engaphansi kweSmall Enterprise Development Agency.

Lokhu kwenziwe yinhlangano engenzi nzuzo, okungeyentsha yaseMvoti, ebizwa ngeSizwe Esiqhakazile.

Le nhlangano evulwe ngenhloso yokulekelelwa kwentsha ngamasu okuqala amabhizinisi nokuthola kalula iminyango kahulumeni eseka amabhi-zinisi, ihlomulise izaguga ngoLwesibili eMvoti.

Kule ngqungquthela yentsha, kunge-nelele abakwaNational Youth Develop-ment Agency, i-Industrial Develop-ment Corporation (IDC), abakwa-Amalgamated Bank of South Africa (ABSA), noMasipala waseMvoti.

USihlalo wale nhlangano uMnu Scelo Kubheka (osesithombeni esingezansi), uthi kubajabulisile ukubona abantu abadala benentshisekelo yokuvuka bazithathe, bafunde ngokuzikhulisa.

Image

Uthi nakuba le nhlangano beyisungule beyintsha yendawo ngenhloso yokungenelela ekunikeni abantu ulwazi kwezokuqalwa kwamabhizinisi, kodwa uma nabantu abadala besondela, kuyabajabulisa lokho.

"Baningi abantu abadala abangalitho-langa ithuba lokufundiseka ukuthi bangaqala kancane kancane, bese bekhula ebhizinisini. Kunabantu abadala abanezitolo kodwa kazibha-lisiwe, kabazi ukuthi uxhaso lwemali ekhishwe wuhulumeni ewu-R500 million yokuseka izipaza, bangayithola kanjani.

"Sifuna ukucacisela abantu emakhaya ukuthi akudingeki imali eningi ukuqala ibhizinisi. Ungaqala ngemadlana encane, ulime engadini bese uyathuthuka," kusho uKubheka.

Uthi kuningi umphakathi osilele emuva kukhona, ikakhulukazi ngolwazi ekuzisebenzeni wona. Utshele abezi-ndaba ukuthi ulwazi lwamabhizinisi kalukho emakhaya.


"Izingqungquthela zokuhlomisa abantu abangekho emabhizinisini, kazikho ezindaweni eziningi zasemakhaya.

"Ukusondeza izinkampani zikahulu-meni ezixhasayo kwabafuna ukuzi-thuthukisa, sibone kukuhle ukuba sizisondeze ukuze abantu bakithi basizakale," esho.

UMnu Wiseman Mkhize wakwa-Industrial Development Corporation (IDC), uthi bazimisele ngokufukula abantu basemakhaya.

"Imvamisa abantu basemakhaya  kabanalo ulwazi lokuthi siyalekelela ezakhiweni zomphakathi, okungaba yimifelandawonye, izikole nokunye.

"Siyajabula uma abantu abadala bephuma ngobuningi, befisa ukufu-ndiswa kabanzi ngamabhizinisi," kusho uMkhize.

mthobisis@ilanganews.co.za