Izindaba | 06

Friday, 30 May 2025

Image

ISALE imbobombobo kanjena imoto ebihamba inkosi yesizwe sakwaCele, uMnu Simphiwe Cele, esinde idutshulwa nabafowabo.

Phumlani Gama

Kushone owasebukhosini odutshulwe ehamba nenkosi

INGENISWE esibhedlela nomfowabo iNkosi yesizwe sakwaCele, eZingolweni, emuva kokusinda ngokulambisa ijahwa ngezulu lezandla ngezithuba zasemini ngoLwesibili.

INkosi uSimphiwe Cele ilandise
ILANGA Lempelasonto ngokuthi ihlaselwe iphuma enkantolo yesizwe njengoba bekuwusuku lokuqulwa kwamacala nokwethulwa kwezinhlelo zentuthuko, nokwethulwa kwezinye izinhlelo zesizwe.

UCele utshele leli phephandaba ukuthi kulesi sigameko kushone uMnu Mazweni Cele ongumfowabo. Uthe bebebathathu emotweni, imoto ishayelwa nguMnu Mlondi Shandu, oyisihlobo sasebukhosini. Inkosi ikhulume naleli phephandaba isesibhedlela.


"Bengiphuma enkantolo yesizwe njengoba usuku lwangoLwesibili kuyaye kube ngoloku-hlangana nezinduna namalungu omkhandlu. Bebebaningi kakhulu abantu njengoba bekukhona nabama-forum, abebezokwethulwa emkhandlwini.

"Ngaphambi kokuba siphume enkantolo, ngiqale ngokubamba inguyazana nezinduna. Kube sekufika isekela lemeya yaseRay Nkonyeni. Ngilicele ukuba lingilinde ekhaya, sizohlangana khona.

"Angibange ngisafika lapho ngoba kuvele kwaqhamuka imoto emuva kwethu, yavulela ngenhlamvu.

"Umshayeli wemoto yethu udubulekile wangabe esakwazi ukuyilawula, yashayisa inkomo. Siphumile emotweni sazama ukubaleka ngezinyawo.

"Yilapho okudubuleke khona umfowethu uMazweni. Nami ngidubulekile," kulandisa inkosi.
Iqhube yathi kayinalo ulwazi futhi kazikho izinsolo enazo ezihlobene nalesi sigameko.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Senzelwe Mzila, uthe uNgqongqoshe walo mnyango uMfu Thulasizwe Buthelezi, usigxekile lesi senzo.

"Ungqongoshe usigxekile lesi sigameko. Unxuse izinhlaka zezomthetho namaphoyisa ukuba basebenze kanzima ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasolwa bayaboshwa," kuphetha uMzila.

Okhulumela amaphoyisaKwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigame-ko, wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
Bekungakaboshwa muntu.