20 | Ezemidlalo

Friday, 30 January 2026

Image

NGU-PATRICE Motsepe ongumnikazi weMamelodi Sundowns.

Umhlangano oyisipesheli kaMotsepe nabadlali beDowns

ULALELE izinkinga zabo, wabakhumbuza nesikweletu abanaso sokumnqobela iChampions League

Linda Ximba

UBAMBE umhlangano oyisipesheli nabadlali umnikazi weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe ngemuva kwemvunge yokuthi kabaneme ngempatho yomqeqeshi uMiguel Cardoso neSporting Director uFlemming Berg.

ILANGA Lempelasonto lingakudalula ukuthi uMotsepe, osewashiya izintambo zokuhola iSundowns kwindodana yakhe uTlhopie ngoba ephethe inhlangano engamele ibhola e-Afrika, iCaf, uyeke konke, waqonda ekomkhulu lekilabhu eChloorkop, wabamba umhlangano nabadlali nezikhulu ngeSonto emini.

Image

NGU-FLEMMING Berg, nguThlopie Motsepe noMiguel Cardoso.

Lo mhlangano uwubambe ngemuva kokuthi elinye iqeqebana labalandeli lethuke uFlemming ngezinhlamba, laze lamthela ngamanzi licasulwa wukuthi kudlalwe i-draw ka-2-2 ne-Al Hilal emdlalweni weCaf Champions League ngoLwesihlanu olwedlule ePretoria.

ISundowns isithembise ukuthathela izinyathelo zomthetho lo mlisa obonakale kwi-video ethela lesi sikhulu ngokusaketshezi ngesikhathi siqonde emotweni yaso eLoftus Versfeld Stadium.

Umthombo uthe: "UPatrice ubone kungcono afingqe imikhono ayozizwela ngokwakhe ukuthi ngempela konakelephi njengoba kayipheli imvunge yokuthi abadlali kabeneme ngendlela uCardoso noFlemming abenza ngayo. Nebala u-Iqraam Rayners ugxume wahlala, wangananaza ukutshela uMotsepe ngokungenami kwakhe ngokuzitshwa, ekubeni uhlale ezikhandla ejimini.

Image

NGU-FLEMMING Berg, oyiSporting Director kwiDowns, ngemuva kokuthelwa ngokusaketshezi ngumlandeli. 

"Umtshele ukuthi ucabanga ukuthi uCardoso uyenzelela njengoba esevamise ukufaka abadlali bokufika. UMotsepe ukhombise ukudumala ezwa lezi zikhalo, wathembisa ukuzisukumela ukuze kulunge isimo. Ukhumbuze abadlali ukuthi kumele bengakhohlwa wukuthi kwiSundowns kudlalelwa ukunqoba, hhayi ukugcina icala.

"Ubakhumbuze nokuthi bamkweleta isicoco seChampions League ukuze bakhombise ukuthi bangakwazi ukumelana namakilabhu ase-Afrika, ikakhulukazi aseNorth Africa avamise ukuwenza owayo lo mqhudelwano."

Image

NGU-IGRAAM Rayners obese kuphele isikhathi engabonakali ensimini. 

Kakumangazanga ukubona uRayners eqala umdlalo weSekhukhune United eNew Peter Mokaba Stadium ngoLwesibili kanti yize engalishayanga igoli kodwa ezakhe zinqobe ngo-2-0 wamagoli kaNuno Santos noBrayan Leon Muniz, seliyozilahla kunina.

Mayelana noFlemming, umthombo uthe: "Ngenxa yesimo esethusayo esimehlele eLoftus, ikilabhu ibone kungcono imqashele abaqaphi abafike behlome bezingovolo. Ubungeke usondele eduze kwakhe nakancane ngoba bekucaca ukuthi bebengadlali, bala ukhasha. Engikuqaphelile wukuthi abaqaphi abavamise ukugada uMotsepe yibona laba abebegade uFlemming eLimpopo."