15 | Izindaba

Friday, 30 January  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Ijaji 'leseka' umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Image

YIJAJI uMnu Mjabuliseni Madondo, osethathe umhlalaphansi.

01


Mzikayise Dayi:

Lo hulumeni osiphethe usebenzela uSathane. Ngaso sonke isikhathi ubeka imithetho ezoqhatha abantu, kuchitheke igazi.

02


Sandy B:

Singcono thina esizijolela nezinhlotshana ezingasikhokhisi lobolo.

03


Njabulo Ntah Zondo:

Lapho khona isilima esisacabanga ukuyovela.

04


Phumlani Sibiya:

Bazohlomula ❌️ Bazoqola amafa abantu, becashe ngomthetho✅️

05


Velile Msilawevondwe ENtumbane:

Aniboni yini ukuthi le ConCourt yakhona ifuna ukuqeda nya ngesintu nosiko lwakwaZulu? Uma ingaphikiswa le nto, kusazophela abantu 🤞

06


Hlengiwe Khozo:

Nizwe kuthiwa siyawuthanda yini lowo mshado?

07


Mthobisi Mtho Ngwenya:

Lapho kube kushadelwani🤔

08


Nathi Cele ENyonyana:

Nanah Mabaso: Mxm! Sizohlomulani? Nifuna ukusibulalisa ngamadoda. Ubani nje osengajabulela ukushada manje? 🚮🚮🚮🚮🚮🚮

09


Nhlakanipho Mkhize:

Kuyafana, kwakuwona lo omdala bekuhlomula bona abantu besifazane. Indoda ihlezi ithwele kanzima; engondli iyaboshwa, yondle ngenkantolo, eyondlayo uma kuvele ukuthi ingane ebiyondla akusiyo eyayo, awukho umthetho ocacile ukuthi leyo mali ibuya kanjani.

10


Scelo K Xhanavana:

Bayogcina emadolobheni, ngeke la.

11


KaSomamboza Ngqulunga:

Ngingowesifazane. Amakhosi mawasukumele lo mbhedo wento.

12


Thami Ntetha:

Ngazi mina ukuthi iLobolo ngelokuqinisa ubudlelwane emindenini ethintekayo not umshado. Angazi ukuthi sithule sithini iSilo isintu sishabalala. 🤔

13


Malusi Mkheyi:

Khululeka-ke, nathi ongenayo ipayslip asimloboli manje.

14


Sboniso Mqadi: 

Vele kwamshado leyo isiyindlala.