13I Izindaba 

Friday, 30 January 2025

Ishaye izule: Zandile Tembe

Mabacabangelane abazali uma beyoshiya izingane esikoleni


Ukungasigcini isikhathi nakho kuyimbangela yokushayelisana kabi, abazali sebephuthuma
Image

UKUCABANGA nokucabangelana kwabazali abazihambiselayo abantwana esikoleni kungaletha ingxabano engenasidingo.

Ngiqaphelile ezinkundleni zokuxhumana  ezibhekene nabazali noma ababheki babantwana (Parents WhatsApp Groups), ukuthi kunesikhalo esikhulu ngokungashayelisani kahle kwabazali, lapho beyobeka abantwana esikoleni nalapho bephuthunyiswa emihlanganweni eyahlukene.

Isikhalo esikhulu uma ngifunda noma ngifaka imibuzo kulabo abasiza ngokupaka, bawelise ngokuphephile abantwana emigwaqweni, wukuthi iningi labazali kalicabangelani.

Ukungasigcini isikhathi

Leli phuzu lingelinye elihamba phambili nelithinta wonke umuntu osebenzisa umgwaqo; ukwehluleka komshayeli ukuhlela indlela yakhe, kudala ukuba nexhala nokushayela mawala.

Lokhu sikubona lapho silibhekise ezindleleni zethu zasekuseni. Baningi abantu abashayelisana kabi ngenxa yokuthi sebeyaphuthuma.

Ukuhambisa nokulanda abantwana esikoleni wumsebenzi onzima owenza abazali abaningi banqume ukuthola omalume ngenxa yengcindezi eza nakho.

Iqiniso lithi ngenxa yezindleko nokuqikelela ukuphepha kwabantwana, abazali abanezimoto nabakwaziyo ukuzihambisela izingane, bagcina sebezihambisela bona esikoleni, okunomthelela esiminyaminyeni emgwaqweni.

Isiminyaminya

Image

Isiminyaminya siba ngezinye zezinto eziholela ekutheni abazali bagcine sebehilizisana

Akulula ukugcina isikhathi nsuku zonke uma kumele ubhekelele nokuthi abantwana nabo balunga ngasikhathisini.

Igenge encane ihlezi inenkinga yokuvuka ilungiselele uhambo lokuya esikoleni, okusho ukuthi umzali uphuma endlini umoya usuhluthukile, okuzoba nomthelela ongemuhle endleleni eya esikoleni.

Ucwaningo luveza ukuthi kubashayeli abangaphezu kuka-70% abazihambiselayo abantwana esikoleni, iningi labo likhala ngengqinamba yokumpintshwa yisikhathi nesiminyaminya sasekuseni, okusho ukuthi usuke usunabazali abaningi abashayela sebengasebahle emoyeni.

Image

Iningi lezikole zakhelwe ezindaweni zomphakathini (collectors roads), okusho ukuthi isiminyaminya singaphezulu ngenxa yokuthi imithetho yomgwaqo yangaphakathi kayilandelwa ngabashayeli abaningi, okugcina sekwenyuka imimoya kulabo abangenaso isineke.

Imigwaqo yangaphakathi iba nesivinini esingaphansi kwesikathelawayeka (highway/freeway). Isebenza ukubhalansisa ukuhamba kwezimoto nomphakathi ohamba ngezinyawo, ngenxa yokuthi yilapho kuhlala khona abantu (residential) namabhizinisi amancane nezikole.

Image

Yilapho inkinga iqala ikhona ngenxa yabashayeli abajaha izindlela zabo nezabantwana babo, bakhohlwe wukuthi nabanye banezidingo.

Abanye abashayeli abathutha abantwana besikole nabazali, banesihluku lapho beshayela, ngenxa yokuthi igenge encane isuke ingazibekile phansi, incenga umzali ukuba ayishiye ngesikhathi esikoleni ukuze ingajeziswa.

Imithetho yesikole engachazwa iphinde ingagcizelelwa noma eshintsha njalo, iyakudala ukudideka nokudinwa kubazali. Ngakho kubalulekile ukubambisana phakathi kwesikole, abazali nomphakathi.

 Izikole eziqhelelene, nomthelela kwezemali 

Ngenxa yokuthi izikole ezisondelene nomsebenzi aziziningi, lokhu kusho ukuthi isikhathi esithatha umzali ukuyobeka umntwana sigcina siba side, okudala umsindo ngendlela abantwana ababhaliswa, bamukelwe ngayo ezikoleni.

Abanye abazali bakwenza kube nzima kwabanye, ngenxa yokuthi basuka kude nesikole, okugcina sekufakela abaseduze izinkinga. Lokhu singakuthatha kancane, kanti kunomthelela omkhulu kusiminyaminya esisondelene nezikole.

Kubiza ukuthi izimoto eziphumayo zezakhamizi zibangisane emgwaqeni nalezo ezisuka ngaphandle kwendawo, okunomthelela ezindlekweni zikaphethiloli nohambo nje lonke.

Ukungabi khona kwezindlela ezinqamulelayo kuphinde kube nezingqinamba, ikakhulukazi kumzali osuke esazothatha indlela ebheke emsebenzini.

Image

Uma ubheka izinto ezahlukene ezibhekene nomzali noma umuntu ubhekelele ukuhambisa umntwana esikoleni nsukuzonke, kuyacaca ukuthi kumele sibekezelelane kanjani.

Okusho ukuthi awukwazi ukushiya umntwana esangweni bese ucofa ifoni, ngoba ulibazisa abanye abasidingayo lesi sikhala.

Ngakho ukuze kube nokwehla kwemimoya nokushayela okunokuthula kwehle nezingozi, umzali nomzali akazifake ezicathulweni zomzali othintwa okwahlukene kwesikubekile, enze kangcono.