15 | Izindaba
Friday, 29 May 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine lomhla ka-21 May, oluthi:
Umzuzu onzima bemukela iziqu zoshone ebeletha,
baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Nanah UmaJohannes Cele:
Njengoba ngakhaliswa wukubona owasekhaya ezamukela yena uqobo lwakhe!
Kwaze kwabuhlungu nkosi. Yisimo engingeke ngikwazi ukubhekana naso lesi.
Mbuyi Mthobza:
I'm not suprise. KwaNongoma nje, mxm it the third time ngizwa i-story esinjena. Omunye wayesethwese iziqu zokuba ngudokotela, bambulala abangane bakhe, bamphosa emseleni ngakubo.
Mzwe Ndlovu:
KwaNongoma abamthandi umuntu ofundile.
Princes More:
 💔 Wumsebenzi wabantu noma yintando kaJehovah?
Thandazile Manyanga:
Kwabuhlungu bakithi ingane ize iqede kanti omubi uyabala. UNkulunkulu anipholise mndeni, nguye oletha induduzo epheleleyo. Nxeseni.
Mathathu Gumede:
Mina kangisoze ngibe nawo amandla okuzilanda. Phephisani bazali.Â
Xolile Madlala:
Hheyi. Awuve ubuhlungu lo mzuzu. Ngazibonela nami umzali emukela iziqu zomntanakhe engasekho. Yazi uvele ucabange nje sekunguwena. Phephisani mndeni uNkulunkulu anipholise.💔
Londiwe Zenande Ngcobo Nyuswa:
Wubuloyi nje lobu. Bakubuka kahle ufunde bafunge, kodwa bathi soke sibone ukuthi uyoke azithole esaphila yini iziqu.
MakaStha KaMbomvu Ngubane:
Kodwa Jehova yase yanda kangaka le nto embi kanje? UNkulunkulu makabe nomndeni. 💔💔
Mfihlo Zamagcwabe:
Phephisani mndeni.💔ðŸ˜
Dolly Mdlolo:
Yhoo kwaze kwabuhlungu.💔 Phephisani bazali.Â
Snethemba Mbatha KA Shandu:
Hawu Nokwe mftðŸ˜ðŸ’” kazi ingane izokhula ibe yini?
Kodwa intando kaMdali ingevinjwe.
Nonto Mpungose Zondi:
Ngoba izinhliziyo ezibuhlungu nezophayo esihamba nazo!
Sthe Khoza:
 Impilo iyisimanga! 😢😢
Nombuyiselo Mkhize:
Zisuke zisakhishelwani? ðŸ˜ðŸ˜ðŸ˜ðŸ˜ðŸ˜ðŸ˜ðŸ˜ðŸ˜
temnandi Manyosi:
 Kwabuhlungu bakithi. 💔💔💔
Thandokuhle Samkelo:
Hhawu kwaze kwabuhlungu, kuyaqaqamba impela.💔💔💔
Thabani Myaka:
Kwaze kwabuhlungu. Yoo siphila komunye umhlaba la.
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Ngiyabazi lobo buhlungu. Nami kwangehlela. 💔💔💔
SobhoLenyoni Mageba:
Kanti kwenzekani emhlabeni bakithi?