11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 29 May 2026

 Hhola Mntwana!

Ungu-crème de la crème... noma ngivele ngithi uyilento ephezulu ekhekheni...❤️

Image

Uma kukhulunywa ngekhethelo nabakhethiweyo kushiwo into enje. Uyilokhu okuthiwa u-crème de la crème. Aaaawww phumalanga sikothe sengifisa ukwazi izithakazelo zakini ngoba aybo wenza kakhulu ebuhleni.

Image

Engikunikwa nguwe pentshisi ngiyokuphuza noma sengisuthi. Lo muntuza nguNatukunda Tasha odume ngelikaTasha Bieibe, uziteketisa ngelikaThe Lioness. Ngumculi wase-Uganda lo, ozibhalela yena izingoma. Ucula izinhlobo ezahlukene zomculo okuyiR&B, iSoul,iReggae, ne-Afro-dancehall.

Image

Kunganjani kube yimina ohlabelelela wena smomondiya. Ngiyibhimbi impela kodwa la kuwe ngingabhilisha. Kunalengona ethi, Uthando lwami...ngolwakho...

Image

Uma ufuna ukugqoka igolide mamacita sengiyayoligumba mina eGoli. Sengicabanga nokugijima iComrades ukuze ngihlanganise amasentshana okuzobona wena themba lami...Hheyi kuyazalwa kweminye imindeni.