08  | Izindaba

Friday, 29 May 2026

UMphrofethi uXaba unebandla elidumile eGauteng...

Ubalule ubumqoka bokusiza abaswele ehlonishwa ngeziqu


Ibandla lakhe ligxile eBhayibhelini nakokwesintu....
Image

Ngabebephelekezele uMphrofethi Benedict Xaba ( ohleli esihlalweni esimhlophe), ohlonishwe ngeziqu zokuba usolwazi, eMgungundlovu.

Mthobisi  Sithole

UHLONISHWE ngeziqu zokuba ngusolwazi umprofethi wodumo lwebandla eliphilisa ngomkhuleko eDoornfontein, eGauteng.

UMprofethi uBenedict Xaba odabuka eMvuzini, eVryheid, KwaZulu-Natal, wethweswe iziqu esikoleni iNational Congregational School of Theology, eMgungundlovu ngeSonto. Lesi isikole senkolo sihlonipha ababambe iqhaza kwezenkolo kuleli.

Umprofethi uthi eminyakeni engaphezulu kweyishumi esiza abantu enkonzweni, enikela nasemphakathini kwabaswele, sekuthele izithelo ezinhle. Uthi ukuhlonishwa ubekubukela kude naye.

Image

NGUMPROFETHI uBenedict Xaba webandla eNqabeni, elidume ngokusebenza ngesintu nokugcwala eGauteng, uhlonishwe ngeziqu zokuba uSolwazi, eMgungundlovu.

"Ngiyabonga kakhulu ngokuthi isikole sikwazile ukubona imisebenzi engiyenzayo, yokuphilisa abantu ngomoya ongcwele," esho.

UMprofethi uXaba udume kakhulu ngokwelapha ngeZwi leNkosi, nokuthi ibandla lakhe lisebenza nangokwesintu. 

"Kunabantu abaningi abahlala esontweni lami eGauteng, ngoba bengenazo izindawo zokufihla ikhanda, ngithenga igilosa ngisize abaswele. Ngikwenzile ukusiza abantu nangesikhathi sokhuvethe, ngathenga amagilosa eGoli nasekhaya eVryheid,"kusho uMprofethi uXaba.

Uveze ukuthi intsha ekhonza ebandleni lakhe uyayilekelela ngokuyenzela izincwadi zokushayela.

Lesi sikole siqhakambise amagalelo kaMprofethi uXaba ngenxa yosizo lwakhe emphakathini, nanokuthi isonto lakhe libalwa namabandla ahamba phambili eGauteng.

Phambilini ubekhonza ebandleni lamaNazaretha kusaphila iNkosi uVimbeni "uThingo Lwenkosazana" Shembe. Ngaleso sikhathi ubephilisa abantu eThempelini iSandanezwe, elizinze eDoorenfontein.

Ngo-2016 uvule ibandla lakhe elibizwa ngokuthi, eNqabeni. Isikole esimhloniphile sisebenzisana neCalifornia Enrichment Institute.
mthobisis@ilanganews.co.za