Ezikaqedisizungu | 10
Friday, 29 May 2026
Thandi Zondi
ISILOMO somculo we-Afro Soul Jazz, uMandisi Dyantis, sizoqhulula amanoni sijabulisa abalandeli baso eThe Playhouse, eThekwini izinsuku ezimbili zilandelana ekhonsathini yaso ebizwa ngeSymphonic Celebration, lapho sizobe sihambisana khona neKZN Philharmonic Orchestra.
UMandisa wakhipha i-album yakhe yokuqala ngo-2018 ethi, "Somandla", kwalandela ethi, "Cwaka" ngo-2021, wagcina ngethi, "Intlambuluko" ngo-2025.
Le khonsathi iSymphonic Celebration, izohlanganisa konke okwenze uMandisi Dyantyis wayilento ayiyo, njengoba engelinye lamaphimbo ahlukile, nahamba phambili eNingizimu Afrika, enethalente lokucula bukhoma ehambisana ne-ochestra.
UMandisi ucula ngesiXhosa kuphela, echaza ngalesi sinqumo uthi: "Ukucula ngesiXhosa ngikwenza ngoba ngingumXhosa. Kubalulekile ukubheka izinto ezisikhumbuza ukuthi singobani.
"Ungaxoxa ngokuthi ungubani futhi uqinisekise ukuthi uyehluka, kepha uma ubuza ingane ukuthi ingubani izothi, 'kangizazi ukuthi ngingubani'. Ngakho-ke, kumele sithole lezo zinto ezincanyana, ezichaza ukuthi singobani.
UMandisi uzalelwe, wakhulela eGqeberha, wafundela umculo e-University of Cape Town, lapho enze iMaster's Degree kwiJazz Studies.
I-Symphonic Celebration iwumjikelezo ozoba semadolobheni ehlukene, njengoba uqale eThekwini uzoqhubeka uye eMontecasino Teatro, eJohannesburg lapho ezocula khona ubusuku obuthathu, ne-Egoli Symphonic Orchestra kusukela mhla ka 3 kuya kumhla ka 5 Julayi.
Bese kuba ubusuku obubodwa e-Artscape Opera House, eCape Town mhla ka-22 Agasti, lapho ezocula khona neCape Town Philharmonic Orchestra. Amathikithi atholakala ku-webtickets.