13 | Izindaba

Friday, 29 August 2025

Β Iyisixazululo kwabanemindeni emikhulu iHyundai Alcazar

IYONGA KANTI FUTHI IVULELEKILE


Β Ishaye Izule noZandile Tembe

Image

NAKUBA kuyimoto engeke ikudonse ngenxa yokwakheka nokubukeka kwayo, kuningi okuthola kuyo ngenani elingakhalisi uma ubheka ukubiza kwezimoto esikhathini samanje.

Ngikuthokozele kakhulu ukuphepha kwayo nendlela eyanela ngayo umndeni njengoba inezihlalo eziyisikhombisa (7), enganela umndeni onamalungu awu-7 nengane encane ngaphezulu.

Image

Njengoba sesake sakubalula phambilini, izimoto zakwaHyundai zingezinye ezihamba phambili ngokuthengwa eMzansi.

Lokhu kungenxa yeminyaka bekulomkhakha, nangokunakekelwa kwayo noma isiphumile egalaji lezimoto (after sales service).

Image

Nakhu ongakuthola kwi-Alcazar:

πŸš— Uhlobo lwenjini engamalitha awu-2.0L kwesebenzisa uphethiloli noma engamalitha awu-1.5L kwehamba ngodisili (diesel).Β 
πŸš— Ama-airbag ayisithupha (6), lokhu kusho ukuthi lapho kuba nengozi nabahamba nomshayeli bavikelekile ngawo
ama-airbags

πŸš—Β  Umshayeli unomsizi ngoba kunezinsiza ezisebenza ngogesi, eziqinisekisa ukuthi imoto inamathele nasemajikeni. Iyakwazi futhi ukukuqondisa lapho uphuma emzileni noma ususondele kakhulu ezimotweni ozilandelayo.
πŸš— Benze nesiqiniseko sokuthi uzizwa njengenkosi lapho ushayela, njengoba izihlalo zingezesikhumba soqobo, eziphefumulayo okusho (ventilated) ukuthi awujuluki lapho kushisa kakhulu, uthola umoya opholile nofudumele (airconditioner).

Nakulabo abangemuva kunokusamatafula, lapho befuna ukudla noma ukufunda nokusebenzisa ezobuchwepheshe. Β 

Image

πŸš— Kwezobuchwepheshe, i-Alcazar ine-8-inch screen, lapho ukwazi ukuxhuma konke okuhambisana nobuchwepheshe okune-Apple CarPlay ne-Android Auto, kanti uyakwazi nokushaja (charge) izingcingo ngaphandle kwekhebuli nangazo zonke izinhlobo zamakhebuli.

Image

πŸš— Inamathayi awu-17-inch noma 18-inch, ohlobo lwe-alloy, okwenza ibukeke kahle futhi ingeyohlobo oluphambili

Ngiyayincoma kwabanemindeni emincane abafuna isikhala esivulekile, ikakhulukazi uma ungumuntu ohambisa abantwana esikoleni, aphinde avakashele emakhaya isikhathi esiningi.

Akusiyo eyomuntu othanda ubuntofontofo nezinto zomgangatho, ngoba uyibona iza nje ukuthi lena yimoto kamama wabantwana besikole, noma ubaba osebenzisa imoto ukuthutha umndeni.

Image

Kweye-1.5L (diesel) idla amalitha awu-5.9 kumakhilomitha awu-100km, bese kuthi kwekaphethiloli 2.0L, idla amalitha awu-7.5 kumakhilomitha awu-100km.

I-Alcazar uyithola ngamazinga ahlukene, kuye nangephakethe lakho; kune-Alcazar 2.0 Executive AT ehamba ngamandla kaphethiloli, yenani lika-R499Β 900 engakuniki okutheni.

I-Alcazar Executive AT ehamba ngodizili (diesel), ngiyincoma kakhulu ngokonga, kanti ngihambe ngayo ngisuka eThekwini ngaya eShowe, ngabuya ngayikhomba eMgungundlovu, ngeneliseka ngokonga kwayo, yona uyithola ngo-R599 900.

Image

Bese kuba esezingeni eliphezulu, i-Alcazar 1.5 Elite, eza nayo yonke imixhantela yobuchwepheshe nezinsiza zomshayeli, eqala enanini lika-R669Β 900.

SisakwabaHyundai, ngoLwesithathu waleli sonto, izintatheli zaseThekwini zimenywe emcimbini okhethekile, lapho bekubungazwa ukuhlabana kwegalaji lezimoto lakwaHyundai ePhayindane (Pinetown), ngokuba sohlwini lwamagalaji ahamba phambili umhlaba wonke, Global Top 100 Dealers on the Year.

Leli galaji elavulwa ngo-2002 eliku-Josiah Gumede Road, ePinetown, libekele abazindaba nosomabhizinisi ukuthi lidayisa izimoto eziwu-250 ngenyanga, okubanikeza u-31% emakethe yezimoto eMzansi.

Abaphathi abaphezulu ebebezifikele mathupha eThekwini besuka eGoli behamba nesikhulu esizinze eGoli, bahalalisele uMnu Sidney Francis, ongumphathi wegalaji ngomsebenzi omuhle nethimba lakhe.

Lokhu kusho okukhulu ngabathengi bezimoto baKwaZulu-Natali, neqhaza elibanjwe yilesi sifundazwe emnothweni, ikakhulukazi emkhakheni wezezimoto.