20 | Ezemidlalo
Friday, 28 November 2025
NGUVELA Khumalo ongumqeqeshi wenjejane yeChiefs.
ISITHOMBE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
UCACISA ngokusala ngaphandle eqenjini kukaVela Khumalo leKaizer Chiefs Reserves elise-England, okunguyena olinqobise isicoco seDStv Diski Challenge (DDC) uKaizer Motaung Junior ongesinye sezikhulu zale kilabhu.
Injejane yeChiefs ise-United Kingdom lapho izozwana khona amandla neManchester United, yiLeeds United neQueens Park Rangers.
NGU-KAIZER Junior ongesinye sezikhulu zeziMpofana.
ISITHOMBE: BACKPAGEPIX
Ecacisa ngalokhu uMotaung, uthe: "Isizathu sokuba uKhumalo angabi yingxenye yalolu hambo yingoba wayengekho ngesikhathi kulungiselelwa le ndlela njengoba wayehambe no-U/17 obewudlala imidlalo yeNdebe yoMhlaba (yeFifa) yabalesi sigaba.
"Yilokho nje okwenze wasala, kakukho okungaphezu kwalokho."
Ukubuyela emidlalweni yeDDC yangale mpelasonto, KwaZulu-Natal amehlo azokube ethe njo kwiRichards Bay FC neyamaZulu FC abazogadulisana ngoMgqibelo ngo-12h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Isiyonke imidlalo yeDDC engempelasonto ihlelwe kanje:-
NGOMGQIBELO
E-UJ Stadium: Pirates Reserves vs Magesi Reserves 10h00.
ETuks Stadium: Sundowns Reserves vs Orbit Reserves 10h00.
EPrincess Magogo: Richards Bay Reserves vs AmaZulu Reserves 12h00.
E-Isak Steyl Stadium: Sekhukhune Reserves vs Stellenbosch Reserves 12h00.
NGESONTO
E-Old Peter Mokaba: Polokwane Reserves vs TS Galaxy Reserves 10h00.
E-UJ Stadium: Siwelele Reserves vs Chippa Reserves 10h00.
EChatsworth: Durban City Reserves vs Marumo Gallants Reserves 10h00.