10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 28  November  2025

Woza Nazo Mzala!

AbakwaNetflix sebehlanganisa i-movie ngokwenzeka eMzansi

Image

NGUMNU Vusumuzi 'Cat' Matlala noMnu Bheki Cele. 

ISOUTH Afrika bathi iyi-movie. Cha impela ngiyabavumela. Kahle hle izwe lethu liphethwe yizigelekeqe, nalaba abangakaveli ukuthi bayizona, basazovela.
 
UBathabile Dlamini wake wathi wonke umuntu kwi-ANC, unama-smallanyana skeletons, samziba-ke kodwa. Nakhu-ke manje kumapeketwane. UVusumuzi 'Cat' Matlata usitshela ukuthi wake wagwazela uBheki Cele imali ewu-R500 000.

He..he..he. Lapho ezinjengoMzala ziswele imali yokuthenga i-stick sweet nje sodwa, kodwa oCele babenikwa imali sengathi ikhiwa esihlahleni.


Image

NGU-ANDILE KaMajola

Abaculi be-gospel, bakhaliswa wukungaqokwa komkhakha wabo kwezohlukanisa unyaka oKhozini FM

UMZALA uzwe kuthiwa abaculi be-gospel, bakhala ngokungafakwa engomeni yonyaka oKhozini FM, okubalwa kubona u-Andile KaMajola noSipho Makhabane .

Bathi bekungcono kudala abalaleli besanikwa ithuba lokuziqokela izingoma abazithandayo. Bathi kulokhu akukho ngisho eyodwa ingoma ye-gospel.
Hhayi madoda ningabe nisakhala kakhulu, kodwa yamukelani. 


Ake nicabange nje sekuqhamuka abaculi be-kwaito bethi kayikho ingoma yabo nabo. 

Kusho ukuthi wonke umuntu uzogcina elwa impi yakhe. Dedelani abaqokiwe, basine badedelane.
 


Image

NGUMNU Floyd Shivambu 

Ubuholi bukaShivambu bunokuntenga...

Njalo uMzala akasho ukuthi ubuholi bakho kabukho qotho

KUBUKEKA sengathi yonke inhlangano yezepolitiki enoFloyd Shivambu, ikhungathwa yizinkinga.

Muva nje leli qembu asanda kuliphemba, i-Afrika Mayibuye, selishiywe nguRobert Nwedo. Phela emasontweni angemangaki leli qembu lilaxazwe nguNolubabalo Mcinga, obengusekela mengameli.

Hhayi ngeke ndoda! Yini sengathi kuba nezinkinga yonke indawo lapho ofika khona?

Awuke uzinuke amakhwapha nawe ngobuholi bakho. UMzala akasho ukuthi kabukho qotho,
kodwa-ke mawuke uzibheke.