09 | Izindaba
Friday, 28 November 2025
Bakhulume ngezingqinamba ababhekane nazo, nobumqoka bokubambisana emsebenzini...
KUSUKELA kwesokunxele nguMajor General Kevin James, uMajor General Sethenya Nxamangele noMajor General Sipho Ngubane.
Izithombe ngu: Nhlanhla Gumede
Skhosiphi Mthembu
BEKUYINJABULO yodwa emcimbini wokuvaleliswa kwamaphoyisa asesebenze iminyaka ngaphansi kombutho, obubanjelwe kwelinye lamahhotela agudle ulwandle eThekwini, ngoLwesithathu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngamaphoyisa aqhamuka ezindaweni ezahlukene, amanye asasebenza, namanye asethathe umhlalaphansi.
Okufike kwagqama kakhulu kulo mcimbi, wukuzinikela kwamaphoyisa asethathe umhlalaphansi kule minyaka esengaphansi kwawo umbutho.
Yingxenye yamaphoyisa abethambele umcimbi wokuvaleliswa kozakwabo embuthweni wamaphoyisa.
Phakathi kwamaphoyisa asethathe
umhlalaphansi emuva kweminyaka ewu-39 esembuthweni, kubalwa obengumkhuzi wamaphoyisa esiFundeni Ugu, uMajor General Sethenya Nxamangele, obengumkhuzi wamaphoyisa esiFundeni iKing Cetshwayo, uMajor General Sipho Ngubane noMajor General Kevin James, obeyinhloko ehhovisi lezomthetho KwaZulu-Natal.
Laba ngesikhathi bekhuluma nezihambeli kulo mcimbi, baqhakambise ukubaluleka kokusebenza ngokuzikhandla. Baveze nobunzima ababhekana nabo ngesikhathi besaqala embuthweni wamaphoyisa
ngo-1986, kusabusa uhulumeni wobandlululo.
UMajor General Ngubane ekhuluma nezihambeli, uveze ukuthi wangena ebuphoyiseni engaqondile, isifiso sakhe wayefuna ukuba ngummeli.
Uthi wayebuya ukuyofaka isicelo somsebenzi kwenye yezinkampani okwathi uma ebuya, wazithela phezu kwabangani bakhe ayefunda nabo benza ingadi esiteshini samaphoyisa ePinetown.
Uthi babe sebemtshela ukuthi sebeyizitshudeni emaphoyiseni njengoba besebenza, bamunxenxa ukuba naye afake isicelo. Uthi wakwenza lokho kwaphela amasonto amathathu, kwafika amaphoyisa kubo eyokhuluma nonina mayelana nesicelo ayesifakile.
Uthi unina yize wayemanqika ngenxa yobungozi bomsebenzi wamaphoyisa, kodwa wavuma ukuthi aqhubeke. Uveze ukuthi akuzange kube lula njengoba waqala ukusebenza e-Orlando eSoweto ngezikhathi zodlame.
Uveze ukuthi okwakuba nzima kakhulu ngalesi sikhathi ukuthi wawusebenza nozakwenu bebala elimhlophe, bengakufuni kanti nomphakathi nawo wawungalifuni iphoyisa. Uthi lokhu kwakuba enye yezingqinamba ababebhekana nazo kodwa ngenxa yokuzikhandla, babekezela.
UMajor General Nxamangele osebenze iminyaka ewu-39 eyiphoyisa, naye uhambe emazwini kaNgubane njengoba ethe yena okwamenza akhethe ukungena embuthweni, wuhlelo olwaludlala kumabonakude olwaziwa ngePolice on Fire olwaluveza ukusebenza kwamaphoyisa.
Uthi okwamchaza kakhulu yindlela owayegqoka ngayo umfaniswano wamaphoyisa owesifazane owayethula lolu hlelo. Uthi naye waba nentshisekelo yokufuna ukugqoka umfaniswano wamaphoyisa, wabe esefaka isicelo.
Uthi usebenze ezifundazweni iNorth West, iFree State, iGauteng naKwaZulu-Natal. Uveze ukuthi into ayifunda kakhulu ngesikhathi esasekolishi emaphoyiseni wukusebenza ngokubambisana nozakwenu nathe namanje lokho usakubambile.
Uthe kule minyaka esebenza njengomkhuzi wamaphoyisa esiFundeni Ugu, kunezigameko angasoze azikhohlwa njengaleso sikamalugaju owayehlasele eMthwalume ebulala abesifazane.
Uthi kwamjabulisa ukuthi amaphoyisa akwazi ukubopha owayesoleka ngalawa macala. Uthi uma uyiphoyisa kumele uziqhenye ngomfaniswano wawo.
Amaphoyisa abevaleliswa athi aqala ukusebenza ngezikhathi zobandlululo, ezazinzima.