08 | Izindaba
Friday, 28 November 2025
Mthokozisi Dlomo
UMNYANGO wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uthi ujabule ngendlela abashayeli bakulesi sifundazwe abasukumele phezulu ngayo uma uhlaba ikhwelo lokuthi kushintshelwe kumaNumber Plate amasha.
Lo mnyango uthi kusukela kumenyezelwe isinqumo sokushintshwa kwama Number Plate ngoDisemba ka-2023, zingabalelwa ku-1.7 million izimoto ezindala esezishintshelwe kwamasha, njengoba uthi ububhalisa ezilinganiselwa ku-60 000 ngenyanga.
NguMnu Sipho Hlomuka noNkk Nomusa Dube-Ncube owayengundunankulu waseKZN ngesikhathi kwethulwa uhlelo olusha lwama-number plates.
Usuku lwangeSonto ngelomnqamula-juqu lokushintsha amapuleti, okusho ukuthi ozotholakala esashayela ngelidala ngoMsombuluko, usengcupheni yokubhekana nengalo yomthetho.
Umnyango uthi isibalo sezimoto ezibhalisiwe kulesi sifundazwe ziwu- 782 839, kanti ziwu-76 774 ezingagunyaziwe ukuba emgwaqweni.
"Izizathu zokungabhaliswa kwezimoto, kungaba yizinto ezehlukene njengobudedengu babanikazi, izimoto ezingasasebenzi kodwa ezingacishiwe emabhukwini kahulumeni, nokunye."
NgoDisemba ka-2023 umnyango wethula uhlelo lwama-number plates amasha KwaZulu-Natal, njengoba bewufuna uhlelo lwamapuleti lwakulesi sifundazwe luhambisane nolukazwelonke.
Kusukela lapho, izimoto ezintsha bese ziphuma nama-number plates amasha, kwathi labo abanezimoto ezindala banikwa ithuba lokushintsha uma beyozithelela.
Umnyango uthe kazikho izinhlelo zokuhlehlisa umnqamlajuqu wokushintsha ama-number plate ngoba, ukholelwa ekutheni abantu banikwe isikhathi esanele sokushintsha.