06 | Izindaba

Friday, 28 November 2025

Image

NGUDJ Shimza, owelule isandla ngo-R92 000 emkhankasweni weBackaBuddy.


Sekuhlomule abaningi ngosizo lweBackaBuddy


Abantu babhala izinkinga zabo, bese bezifaka ezinkundleni zokuxhumana ne-link, bese beyasizakala


Thandi Zondi

WENZA omkhulu umehluko empilweni yabantu umkhankaso weBackaBuddy, okuyinkundla yokulekelela abantu ukuthi bakolekelwe imali.

Kungaba yimali yokukhokhela izindleko zasesibhedlela, yimali yokufunda noma yinto engasiza umphakathi.

Abantu lokhu bakwenza ngokuchaza udaba lwabo, bese belufaka ezinkundleni zokuxhumana ukuze nabanye bazi, ngokusebenzisa i-link.

Bese kuthi lowo ofisa ukusiza, achofe i-link ezomholela ekhasini lakwaBackabuddy.

Uma ungena kule nkundla, ukwazi ukuthi ukolekelwe imali entweni eqondene nawe ngqo, okanye wenzele omunye umuntu odinga usizo.

Noma ngubani angavula umkhankaso wokukolekelwa kwi-website yakwaBackaBuddy, bese wabelana nabanye i-link yodaba lwakho. Ngemuva kwalokho, bazobe sebekukolekela imali oMsamariya Abalungileyo.

Image

Nakuba kuzwakala kulula ukusebenza kwale nkundla, kepha imibandela yokuphepha iyabhekelelwa.

IBackaBuddy ihlola ubuqiniso bofuna ukunikelelwa kuqala, ngaphambi kokuba kukhokhwe imali ngendlela ephephile.

Le mali isuke izothunyelwa kumthengisi noma kumnikazi ngqo we-akhawunti yasebhange.

Ngokombiko wale nkundla, kuthiwa kulo nyaka seyikwaze ukuhlanganisa u-R650 million, ezicelweni ezahlukene.

Ngonyaka owedlule omunye wabaculi, uMadala Kunene (osesithombeni esingezansi), naye wake wacela ukukolekelwa imali ukuze akhokhe izindleko zokwelashwa esibhedlela, athenge ukudla okunempilo nezindleko ezejwayelekile zokuphila.

Kumanje imali seyifinyelele ku-R170 405, inhloso wukuthi ifinyele ku-R185 000.

Image

Muva nje, uDJ Chymamusique osanda kuba sengozini yemoto, naye uqalelwe umkhankaso weBackaBuddy ngenhloso yokumsiza abhekane nezindleko zokwelashwa.

Kunxuswe abathandi bomculo wakhe ukuba bakoleke ukuze akwazi ukukhokhela izindleko zanyanga zonke. Kuzona kubalwa imithi nezinto ezingamsiza njengoba ephuke imilenze yomibili, wahlinzwa ebuchosheni, emazinyweni, emihlathini nasemadolweni.

Usehlinzwe kawu-6, sekusele ahlinzwe kabili. Imali ebidingeka wu-R200 000, uzakwabo uDJ Shimza, welule isandla wanikela ngo-R92 000, obekuyimali ebisishoda ukuze kuhlangane imali edingekayo. NgoLwesine isamba bese sifinyelele ku-R218 650.