04 | Izindaba

Friday, 28 November 2025

Image

NGUMCULI we-gospel, uSihle "SK" Khumalo.

Inhlokomo eNquthu ngonqobe kowe-Crown Gospel Awards

Lucky Cain

WAMUKELWE ngenhlokomo eNquthu umculi ogoduke nendondo emqoka yeBest Gospel Song of the Year, emcimbini wokuklomelisa abasemkhakheni we-gospel, iCrown Gospel Awards, obungeSonto eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.

USihle "SK" Khumalo ophinde wahlabana nendondo yeBest Gospel Itende, umise nse imigwaqo yasedolo-bheni iNquthu ngoLwesithathu, ngesikhathi ebuya okokuqala ngakubo nalezi zindondo azihlomule kulo mcimbi.

Kukikize omama nabalandeli nomakhelwane bangakubo, ngesikhathi imoto ebimthwele, idlula evele ngaphandle nalezi zindondo.

Ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto ngokwamukelwa kwakhe, uthe akakwazi ukuwuchaza umuzwa abe nawo, ebona abantu bangakubo bemjabulela, bemhalalisela ngale ndlela.

Image

"Engingakusho wukuthi ngichiphize izinyembezi ukusuka nokuhlala kwalo mzungezo nezindondo zami. Ukuhalaliselwa nokujatshulelwa ngabantu abangazi ukusuka nokungena kwami emculweni, kusho lukhulu kimina," kusho lo mculi. 
Uthi usebe kulo mkhakha cishe iminyaka ewu-11.


Uthe bekungelula kule minyaka njengoba ngo-2020, kwasala kancane aliphonse ithawula ngenxa yokungamhambeli kahle kwezinto.

"Ekhaya base befuna ngibuyele esikoleni noma ngiyofuna umsebenzi ngoba bebona ubunzima bokuba semculweni," kusho uSK.

Uveze ukuthi intshisekelo eyabe ilokoza ngaphakathi kuyena, yiyona eyamenza waphokophela phambili.

U-SK unqobe kule minxa ngengoma yakhe ethandwa ngabaningi esihloko sithi, Okudalelwe Mina.

Uchaze le ngoma njengesenhliziyweni yakhe njengoba ngemuva kweminyaka ezabalaza emculweni, ube nesifundo sokuthi okudalelwe yena nakanjani uzokuthola noma ngabe kungabanzima kangakanani.

Image

"Akukho okungavimba ukuthi ukuthole, inqobo nje uma kudalelwe wena uzokuthola. Sekungaba yisikhathi okufika ngaso, kodwa ekugcineni uzokuthola.

Nangesikhathi ngiyibhala le ngoma, ngangiqeda kwakhela ugogo wami umuzi, okuyilapho ngabona khona ukuthi kuyenzeka," kusho uSK.

Sekungokwesibili enqoba ngale ngoma, njengoba indondo yokuqala kube ngeyeNgoma Music Awards, ayithole eGoli.

Ubonge uMasipala waseNquthu ngokumeseka nokubambisana naye kule minyaka ekulo mkhakha.

"Sisezinhlelweni zokuhlela ukuthi singawenza nini umcimbi wokubonga lezi zindondo eNquthu ngokubambisana nawo uMasipala," esho.

IMeya yaseNquthu, uMnu Zama Shabalala, ihalalisele uSK ngokunqoba nokubeka indawo yaseNquthu ebalazweni.