03 | Izindaba
Friday, 28 November 2025
Kulobe:
uLucky Cain
Ezikaqedisizungu
Ezinhlelweni eziyisipesheli, kuzovezwa nezimfihlo ababukeli abangakwazanga ukuzibona ekuqaleni...
NguSmash Afrika ozokwethula iBig Brother ngonyaka ozayo.
LUZOKWETHULWA ngokuqala ngokukhonjiswa kweziqephu eziyisipesheli zamasizini adlule uhlelo lukamabonakude oluwumncintiswano olubizwa ngeBig Brother Mzansi olukhuza ibuya kumabonakude ngonyaka ozayo.
Lolu hlelo olukhonjiswa kuMzansi Magic, futhi oluphinde lube nesiteshi esiyisipesheli esidlala ubusuku nemini, luzoqala ngalezi ziqephu ngomhla ka-14 kuDisemba 2025, ezizogxila kwisizini yeBig Brother Umlilo, okwanqoba kuyona uSweet Guluva, neyeBig Brother Siyamosha okwanqoba kuyona uMcJunior.
NguSweet Guluva owawina kwiBig Brother edlule.
Kuzobe kuqala ukuthi kube neziqephu zalolu hlobo ezimayelana neBig Brother Mzansi njengoba lolu hlelo luzobe lwethulwa nguSmash Afrika.
Isikhulu esiphezulu sakwaMnet eyengamele uMzansi Magic, uShirley Adonisi sithe iBig Brother Mzansi akulona nje uhlelo oluthinta impilo yabantu, kodwa wuhlelo oluhlanganisa abantu baseMzansi nokuqhamuka nezindlela ezintsha zokuvula imiqondo yabantu," kusho uShirley.
Lezi ziqephu zibheka ukubuyisana nobudlelwano balabo ababe yingxenye yala masizini, njengoba kwesinye isikhathi lolu hlelo luphela kungabanga khona ukubuyisana ngenxa yezingxabano eziba khona ngaphakathi.
Kwabanye lubheka ukuqhubeka kobudlelwano obuqale ngaphakathi, nokuthi buqhubeka kanjani ngemuva kokuphela kwalo.
Ngokusho kwesitatimende, luzophinde luvundulule nezimfihlo ezikhona ababukeli abangakwazanga ukuzibona ngesikhathi uhlelo lusaqhubeka. Ukubuya kwesizini entsha yalolu hlelo kulindeleke ukuba kwethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu oluzayo, emcimbini wekhethelo.