02 | Izindaba
Friday, 28 November 2025
01
IZINKUMBI zamalungu oMkhonto weSizwe Party (MKP), abhikishe abheka esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, njengoba ebefuna ukuthi uNdunakulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni), akhishwe ngevoti lokungamethembi.
IMKP ithi kayibethembi ubuholi bukaNdunankulu uNtuli ngoba akabaxoshi, futhi akabathatheli izinyathelo oNgqongqohe be-African National Congress (ANC), abakukhabhinethi yakhe, abasolwa ngenkohlakalo.
Ifaka ingcindezi uNtuli ukuthi makakhombe indlela uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnu Sipho Hlomuka, nowezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi.
UMholi wezemiSebenzi kaHulumeni, esiShayamthe-tho, uMnu Siboniso Duma onguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, osesigu-ngwini se-ANC esifundazweni, uzwakalise ukweseka uNtuli.
Uthe kuningi osekwenziwe yilo mholi esikhathini esincane ebekwe esikhundleni.
UMnu Francois Rodgers ongumholi weDemocratic Alliance (DA), noNgqongqoshe wezeZimali esifundazweni, uthe noma angaba khona amaphutha enziwe wuhulumeni obuswa ngokuhlanganyela, kodwa akukakafiki ezingeni lokuthi umholi akhishwe ngevoti lokungamethembi.
Udaba lokukhishwa kukaNtuli luzodingidwa ngomhla ka-15 kuDisemba, eMgungundlovu.
02
EMBUTHANWENI weSouth African Local Government Summitt (SALGA), obuse-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa (osesithombeni), ukhumbuze izithunywa ebezibalelwa ku-1000 ukuthi omasipala bethweswe umthwalo wokuphucula impilo yabantu.
Umbuthano iSALGA National Summitt, uqale ngoLwesibili njengoba ugoqwe ngoLwesine.
Kukhalwe ngokuthi ochwepheshe nonjiniyela bayahamba komasipala, bathole amanye amadlelo aluhlaza. Bathi lokho kwenza ukuthi izinhlelo zokulethela abantu intuthuko zingaqedelwa.
UHlabisa ukhale ngomasipala abathola imibiko enogcobho iminyaka ilandelana selokhu kwaba nokhetho lokugcina lomasipala lwango-2021 .
03
UQHUBEKILE nokufakaza phambi kwekomidi lasePhalamende i-Ad Hoc, eKgosi Mampuru Prison, uMnu Cat Matlala (osesithombeni), lapho eveze khona ukuthi empeleni uMnu Bheki Cele wayefuna isamba sesigidi samarandi njengoba egcine emnike ingxenye yale mali.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesithathu uMatlala wafakaza ngokuthi wagwazela uCele ngesamba semali esilinganiselwa ku-R500 000, amnikeza wona izikhawu ezimbili.
UMatlala uphinde waveza nokuthi uCele wayefuna akhokhele indlu yakwaTrafalagar, adalule ukuthi ngeyendodana yakhe engaziwa.
04
Ufuna kuphenywe uCele ngenkohlakalo
UMNU Fadel Adams onguMengameli weColoured Congress Party, uvulele uMnu Bheki Cele (osesithombeni), noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, amacala.
U-Adams ufuna amaphoyisa aphenye laba baholi ngezinsolo zenkohlakalo kulandela ubufakazi bukaMnu Vusimuzi Cat Matlala ngesikhathi evele phambi kwekomidi i-Ad Hoc Committee, eKgosi Mampuru Prison, ePretoria.
05
UMengameli uRamaphosa ukhuthaza
ubumbano emazweni ayingxenye yeG20
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa unxuse amazwe ayingxenye ye-G20, ukuba abumbane, futhi aqhakambise ukuphathwa ngokulingana kulandela isimemezelo sikaMengameli wase-US, uMnu Donald Trump.
UTrump umemezele ukuthi iNingizimu Afrika ngeke isithole isimemo sokuba yingxenye yale ngqungquthela ye-G20 ngonyaka ozayo.
Le ngqungquthela izosingathwa yi-US ngonyaka
ozayo. Kuzokhumbuleka ukuthi i-US kayibanga yingxenye yengqungquthela yalo nyaka ebibanjelwe eNingizimu Afrika, obekungokokuqala ukuthi isingathwe ezwenikazi i-Afrika selokhu yasungulwa.
Ngenxa yalokhu, iNingizimu Afrika igcine ingakwazanga ukudlulisela isivumelwano sokusingatha le ngqungquthela kwi-US, ngesikhathi iphothulwa.
Ihhovisi likaMengameli ligcine likwazile ukudlulisela lesi sivumelwano ngoMsombuluko, emahhovisi oMnyango wezobuDlelwano bamaZwe.