12 | Izindaba
Friday, 28 August 2026
Abasebenza ngokwasentshonalanga, bayasebenzisana nabesintu
Thandi Zondi
IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukho- lelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.
Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla
ka-31 August, kusuke kubungazwa isonto lemithi yesintu elibizwa ngeTraditional Medicine Day.
Lolu suku olugujwa mhla ka-31 August, lwagqama emuva kokuhlangana kongqongqoshe bezempilo ngesikhathi kuneWorld Health Organisation (WHO) Regional Committee for Africa, e-Ouagadougou, eBurkina Faso.
Lungolokukhumbula indima edlalwa yimithi yesintu ezigidini zabantu base- Afrika.
NeZemvelo KZN Wildlife, ngokuba- mbisana nenhlangano yabelaphi bendabuko iTraditional Health Practitoners (THPs), basanda kuvula ikhemisi lesintu ngenhloso yokuqinise- kisa ukuthi amakhambi esintu kawapheli, nokuthi imvelo yongiwe.
Leli khemisi elaziwa ngeTraditional Healers Pharmacy, livulwe phakathi esiqiwini iHluhluwe-iMfolozi Park, ngenhloso yokulwa nezinkinga ezithinta ukusebenza kwamakhambi esintu, okubalwa kuzona ukumbiwa kwawo ngendlela engafanele, ukusetshenziswa kwezicubu zezilwane, ukulwa kokudayiswa kwamakhambi nezicubu, nokunye.
Ukusebenza kwamakhambi esintu kwabonakala ngesikhathi seCovid 19
Ukusetshenziswa kwamakhambi esintu kuphinde kwabonakala nangesikhathi izwe libhekene nobhubhane lweCovid 19, lapho kwavela khona ukuthi amakhambi afana nomhlonyane ayakwazi ukwelapha umkhuhlane.
NoMnyango wezeMpilo e-KZN, uma kugujwa lolu suku, uyaqinisekisa ukuthi uhlangana nabelaphi bendabuko, ukuqinisekisa ukuthi kuba khona ukusebenzisana.
Ngokwawo, kuyenzeka kube nezigulo ezidinga odokotela basentshonalanga kepha zithathwe ngokuthi zingezesintu.
UDkt Thabile Zwane weThe Blue Clinic, wake wabalula ukuthi kwesinye isikhathi abantu besilisa baba nenkinga yomdlavuza, kepha baqale emithini yesintu, nokuyinto engalungile ngoba kugcina kunzima ukubelapha, nomdlavuza wande egazini.
ILANGA libe nengxoxo noMnu Bonga Mnikathi, waseMpangeni, oke wachaza ukuthi ubenenkinga yezinso, evuvukala izinyawo nasemzimbeni, kwathiwa kumele ayothwasa.
Echaza, uthi lokhu kwenze isifo sezinso (Nephrotic syndrome) ukuba sisabalale size sifinyele ku-stage 4, ngoba akazange aye kodokotela, wasebenzisa izindlela zesintu.
"Uma unesilonda noma uvuvukele, ungacabangi ukuthi wumeqo bese uphuza imbiza, ngoba igcina isingcolisa izinso zingabe zisakwazi ukusebenza kahle," exwayisa.
Lokhu kutshengisa ukubaluleka kokusebenzisana kwemithi yesintu neyasentshonalanga ekwelapheni abantu.
Nanka amakhambi esintu akhona emakhaya, ajwayele ukusetshenziswa
Inxina: Kusetshenziswa amahlamvu uma isisu sibuhlungu nokupholisa izilonda.
Umhlabelo: Kusetshenziswa izimpande zigxotshwe, zenziwe umuthi wokuphuza ukwelapha amathambo, ithambo elibuhlungu noma eliphukile.
Iboza: Kusetshenziswa amahlamvu agxotshwe bese efakwa emanzini afudumele bese kuyaphuzwa, ukusiza emkhuhlaneni noma wukukhwehlela nesisu esibuhlungu.
LELI yiboza elitholakala kalula emakhaya.
Ujinja: Ufakwa ekudleni, kepha uyasiza nasekwelapheni. Usiza emkhuhlaneni nakumamasela abuhlungu.
Impepho: Iyabiliswa noma ishiswe. Isiza uma ukhwehlela, unesisiu esibuhlungu, uphethwe yikhanda noma uphethwe yizinyo.
YIMPEPHO
Umhlonyane: Kusebenza amahlamvu awo aphuzwe njengesiphuzo somkhuhlane, ukucinana, umphimbo obuhlungu nezinkinga ezithinta ukuphefumula.
Umsuzwane: Usiza emkhuhlaneni
Umsenge: Kusetshenziswa amagxolo abilisiwe, bese uyaphalaza.