11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 28 August 2026

 Hhola Mntwana!

 Hheyi! Wamuhle busika usuvalelisa...

Image

Yaze yangichaza le dress code yokuyodla i-pizza. Okungenza ngijabule nakakhulu wukuthi ngiyazifela nge-pizza nangale-gender. Sale usuwenza lokhu okuthandwa yizingane, unginike i-location (📍drop location).

Image

Kudela obekwenzela leyo pizza swirathi, othole ithuba lokukubukela eduze. Sengicabanga nokuvula isitolo sama-pizza ukuze ngizitubuzele amagabadi kuwena ntomb'emhlophe. Hheyi! Wamuhle busika usuvalelisa.

Image

Ngiyafisa ukuthi sizitotose ngalesi sidlo osidekile, manje angazi noma siyokwehla yini emphinjeni ngoba usuwenze inhliziyo yami yashaya kancane.

Image

Namuhla siphethe intokazi yakoMntungwa, uNomfundo Khumalo. Unobuhle osendimeni yezikaqedisizungu lo, unguDJ hhayi eNingizimu Afrika nje kodwa uliphephezelisa emhlabeni jikelele ifulegi lakuleli. OKaMashobane uthi uyintokazi ekholelwa kuMdali.